IGCABHA isele nobukhosi bakwaMakhanya eMbumbulu, ukuba bukhalime umlisa ogxibha iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini ezinkundleni zokuxhumana, uMnuz Max Makhanya.
AbaNtwana baseNdlunkulu, amakhosi nabadidiyeli bamabutho baphonsele inselelo ubukhosi bakwaMakhanya ukuba busukumele udaba lukaMax, ojwayele ukushiya angalazi eSilweni. Lokhu bakusho ngesikhathi benesithangami nabezindaba, eThekwini, izolo.
Sekunesikhathi eside uMax, othi ungowasebukhosini bakwaMakhanya, uyaye ethi "singoMakhanya" uma esegxibha iSilo.
Abantwana, amakhosi nezinduna, bafune ukwazi ukuthi kungani ubukhosi bakwaMakhanya bengakaze busho lutho ngodaba lukaMax?
Bakhale nokungabi bikho kweNkosi yakwaMakhanya, uKhethukuthula kaBhekizitha, emhlanganweni wayizolo.
Emhlanganweni bekukhona undunankulu wesizwe sakwaMakhanya, uMnuz Mbongeni Makhanya.
UMbongeni uthe inkosi imyale ukuba angaphawuli ngalolu daba kwabezindaba, abezindaba bayalelwe ukuba baphume emhlanganweni ngesikhathi sekukhuluma yena.
INkosi uThembinkosi Gadla Xulu ithe ibifisa ukuthi inkosi yakwaMakhanya izifikele mathupha emhlanganweni wayizolo.
"Ngiyafisa ukuzwa uvo lwenkosi yakwaMakhanya ngalolu daba."
Unobhala weziNduna zamaButho esifundeni iZululand, uMnuz Muzi Nyandeni, uthe kufanele engabe isizwe sakwaMakhanya sesiyile eSilweni, sayosho ukuthi asihambisani nokwenziwa uMax.
"Akukho ukuthi mhlawumbe oMakhanya bebemthumile kodwa isintu sithi, uma izinkomo zakwaNgubane zidle umbila wakwaBiyela, uNgubane uyaye ahambe ayombabazela uBiyela. Ingakho ngithi kufanele engabe isizwe sakwaMakhanya sesisukumile, sayokuthi Hlanga Lomhlabathi, siyazihlukanisa nale ngane."
UNyandeni uthe ukuthula kobukhosi bakwaMakhanya kwenza ukuthi abantu bacabange ukuthi buyahambisana nokwenziwa uMax.
"Ize ikhulume ithi 'singoMakhanya', kodwa abakwaMakhanya bathule. Ngabe uyena okhulumela abakwaMakhanya? Uma kungenjalo, bathule bathini abakwaMakhanya? Ngiyafisa ukuthi bayisukumele le ndaba kungaze kuxoveke isizwe."
Umdidiyeli wamabutho kaZulu, uMnuz Sipho "Masefa" Mhlongo, uthe uyafisa ukuthi abakwaMakhanya bamlethe uMax ukuba azochaza kabanzi ngezinto ahlezi ezisho ezinkundleni zokuxhumana.
"Iyihlazo le nto yokuthi umfana adunge amanzi nje, bese kuba sengathi thina singabantu abanodlame. Umbuzo osalayo ukuthi isizwe sakwaMakhanya sona sithule sithini?"
UMhlongo uthe kusobala ukuthi uMax uthunywa abathile ukuba athuke iSilo.
UMengameli wamaBhinca, uNgizwe Mchunu, uthe umsuka ukungaxazululeki kombango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
"Uhlanya lugiya nembazo nje, ishiywe abasendlunkulu. Konakele endlunkulu, konakele esigodlweni."
Abebehambele umhlangano bathe bayamdinga uMax ukuba azoziphendulela.