KUVELA ukuthi lisocongwe ngomakhelwane balo abangamalungu eqembu lemigulukudu iWest, iphoyisa laseNewtown C, eNanda.
Umufi uSergeant Sanele Dlamini (37), ohlaselwe esesitolo sendawo ethenga okuthile ngoLwesibili, kuvela ukuthi nabasolwa bebethenga kusona lesi sitolo.
Kuthiwa ubhozonyelwe ngabasolwa ababili walwa nabo wabadubula. Oyedwa walaba ulimale kabi waze waphuthunyiswa esibhedlela engasakwazi ukusuka endaweni yesigameko. Kuthiwa kuthe umufi esabhekene nalaba ababili, kanti ngemuva kukhona abanye besilisa abathathu okuyibona abamnqobile ngenhlamvu.
Kuvela ukuthi bamdubule amahlandla ambalwa.
Owomndeni ongudadewabo kamufi, uNkk Ntombenhle Mhlongo, uveze ukuthi bekukhona nabesilisa abangomakhelwane babo ngesikhathi kubulawa uDlamini, wathi omunye wabahlaseli wayekade efunda naye umufi esikoleni ngaphambilini.
''USanele ubekade ephuma emsebenzini, wadlula egaraji wathela uphethroli. Kuthe eseqedile, kwase kuqhamuka abafana ababili bambhudubeza. Wazama, wamdubula oyedwa lo omunye wabaleka. Akabonanga ngemuva ukuthi kukhona abanye abathathu okuyibona abakwazile ukumnqoba,'' kuchaza uNkk Mhlongo.
Uveze ukuthi kunemoto yohlobo lwe-VW Polo, ebikade imlandela ngesikhathi esegaraji base bayaphuma ngesikhathi esephuma esoyothenga esitolo.
"Bathe bebengazi ukuthi babulala umuntu abamaziyo, bona bebecabanga ukuthi umuntu nje abangamazi ongunogada,'' usho kanje.
Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuboshwa kwabenzi bokubi njengoba lo odubulekile osesibhedlela, esecula, waveza ukuthi u-wallet kamufi abazange bawuthathe kodwa bathathe isibhamu.
Owomndeni uthe bagqemeke udume lwengozi ngokwenzekile.
Umufi kuthiwa ubeqapha umengemeli uma eKwaZulu-Natal, kodwa ubesebenzela esiteshini samaphoyisa eMalvern.
Ushiye emhlabeni amadodakazi akhe amabili; eneminyaka emithathu neneminyaka emibili.
Umfowabo kamufi, uMnuz Phumlani Dlamini, uthe uyena owabizwa ngosuku lwesigameko, wathi wamfica uSanele elele ebheke phansi ngobuso egcwele igazi emhlane.
"Ngamfica esaphila ngabe sengimqukula ngamyisa esibhedlela. Bamzama esibhedlala base besitshela ukuthi usethule. Udokotela wasikhombisa amanxeba amabili emhlane, kukhona eliphezu kwendlebe nelinye ngaphansi kwekhwapha,'' echaza.
Uthe into engabagculisa ukubona kuma itende nakubo komakhelwane ababulele uSanele.
"Ubulungiswa kimina ukubona kuma itende nakulabo ababulale umfowethu. Okubuhlungu ukuthi abantu abenze le nto abalapha eduze kwethu,'' usho kanje, wathi yena ukholelwa ekutheni iso ngeso.
"Akukho okunye mina engizokusho ngaphandle kokuthi iso ngeso. Nabo abafe ngoba babulele. Laba bantu babulele umuntu obelungile, obeya enkonzweni engabhemi futhi engaphuzi,'' usho kanje.
Uveze ukuthi abasolwa ngosuku lwesigameko babedane bedansa, beqhumisa nesibhamu.
Uthe kwenzeka lokhu nje, amalungu eWest ayekade esongile ngokuthi azoziphindiselela emaphoyiseni ngemuva kokuba amaphoyisa esoconge umholi wabo, uMnqobi Nzimande.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kubo, bese kukhona amalungu ebandla e-United Congregational Church of Southern Africa (UCCSA), abezobhonga emswaneni.
Imoto emhlophe okuthiwa bekungeyakhe, ibipakiwe eceleni kwendlu. Baveze ukuthi umufi uzofihlwa ngoLwesithathu, lapho azalelwa khona eHighflats.