NJENGOBA ibandla lamaRoma aKhatholika lisemanzini kulandela ukudlula emhlabeni komholi walo, uPope Francis (88), ngakolunye uhlangothi lesi sehlo sivuselele ubudlelwano phakathi kwaleli bandla nelamaLuthela.
UFrancis udlule emhlabeni ngoMsombuluko kulandela ukuxinwa ukugula isikhathi eside.
Ngonyaka ka-1517, uMartin Luther ongumsunguli webandla lamaLuthela waphumela obala ephikisana nezinye zezimfundiso zamaRoma aKhatholika okwaholela ekutheni agcine ephumile kuwo, wazaleka ibandla lamaLuthela.
Emva kokuzwakala kwezindaba zokudlula emhlabeni kukaFrancis, uMbhishobhi oMkhulu wamaLuthela eNingizimu Afrika, uNkosinathi Myaka, uthe uFrancis ukulwele ukuxhumana kwabezinkolo ezahlukene, wanxusa amaKhatholika namaLuthela ukuba ahlanganyele abe yizikhonzi zethemba.
"Ngo-Okthoba 31, 2016, uFrancis ugubhe nabaholi beLWF (Lutheran World Foundation)... emadolobheni aseSweden, emicimbini yokugubha iminyaka engu-500 yokuqembuka kwebandla lamaLuthela ngo-1517," kubeka uMbhishobhi Myaka.
Uthe kule micimbi eyayigqugquzelwa ukuzibophezela kwango-1999, uFrancis nabaholi bamaLuthela banxusa amaKhatholika namaLuthela ukuba akhohlwe okudala okwakugujuzelwe yizingxabano nokwehlukana kodwa bahambe ngokuhlanganyela.
Uphethe ngokuthi sengathi ifagugu likaFrancis lingahlala ligqugquzela ukubekezelelana, ukuhlangana kwabezinkolo nentuthuko.
UFrancis kulindeleke ukuba angcwatshwe ngoMgqibelo, eSt Peter's Square.
Izolo, isidumbu sakhe besiseSt. Peter’s Basilica, lapho bekunenkonzo khona futhi sizohlala kule ndawo izinsukwana ukuze abantu bafike bezombona, ngaphambi kokuba angcwatshwe.
Nakuleli kube nenkonzo yesikhumbuzo kaPope ebiseCathedral of Christ eGoli, ebihanjelwe abaholi abehlukene bamaqembu ezepolitiki okubalwa nabe-ANC.