BABANDELWA zinyawo abagilwa yiqembu lemigulukudu yeWest eMaoti eNanda, ukuyokhomba abasolwa ababoshwe amaphoyisa ngamacala ahlukene okubalwa awokubulala.
Kuhlokome iNanda amaphoyisa ebopha abasolwa abane abayamaniswa naleli qembu lemigulukudu eselikhathazile.
Ngokusho kwamaphoyisa, abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka-21 no-33, bavalelwe ngamaphoyisa ekhoneni ngoMgqibelo, eCato Manor, lapho ebebebhace khona.
Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa, bebefunelwa amacala angaphezu kuka-20 okubulala kanjalo nayinqwaba okuzama ukubulala, okuthiwa bawenze kusuka kuJuni ngonyaka odlule kuze kube yimanje.
Ngokusho kwelungu lomphakathi elisezinhlakeni ezilwa nobugebengu eNanda, elingeke livezwe, lithe kujabule wonke umuntu kuzwakala izindaba zokuboshwa kwabasolwa.
“Abantu banethemba lokuthi buzoke buthi ukuxega kancane ubugebengu obunyantisa igazi eMaoti njengoba beboshiwe,” kusho leli lungu.
Lithe kukhona ukukhathazeka abanakho ngabasolwa njengoba amaphoyisa eseqalile efonela abagilwa nofakazi ukuthi beze ukuzoqinisekisa ukuthi yibo abasolwa, babakhombe kwi-nkombamuntu (i-parade).
“Ngokwazi ukuthi lezi zingane ziyingozi kanjani, iningi lalabo asebefonelwe, liyasaba ukuya. Linovalo lokuthi, lizoba yizisulu zokubulawa, emva kokubakhomba ngoba wonke umuntu uyazi ukuthi ziyingozi kangakanani, zinamehlo azo ngaphandle, yize ziboshiwe,” kusho ilungu lomphakathi.
Nokho lithe beyizinhlaka ezilwa nobugebengu endaweni, bazama ngakho konke okusemandleni ukubatshela abagilwa nofakazi ukuthi ukutholakala kobulungiswa, kuncike ekutheni basebenzisane namaphoyisa.
“Siyabagqugquzela impela ukuthi baye ukuyobakhomba ukuze buqine ngokwanele ubufakazi amacala uma esequlwa enkantolo. Siyabatshela ukuthi uma bengayi, lokho kungaholela nasekutheni badedelwe, luqale phansi usizi lokuphila lubhojozi endaweni,” lisho kanje.
Enza izibonelo ngamanye amacala abasolwa ngawo, uthe kukhona elokudutshulwa kubulawe usomatekisi, okuthiwa wadutshulwa ehleli nabangani ngaphandle kwesitolo sendawo, iSunrise ngasekupheleni kukaFebhuwari kulo nyaka.
“Bathushuka (umufi nabangani) bezihlalele, beziphuzela. Kwaba wuye kuphela abamqhulula ngenhlamvu, maqede bamkhuthuza, bathatha isibhamu sakhe, bazihambela,” kukhumbula ilungu lezokuphepha.
Kwesinye isigameko, lithe badubula babulala uMnuz David Bheja owayenesitolo, abahlangana naye ehamba ngezinyawo, naye abathatha isibhamu sakhe.
Ilungu lithe umphakathi uhlela ukuyomasha ngaphandle kwenkantolo kusasa uma sebevela, ukuzwakalisa ilaka lawo nokuthi awufuni badedelwe ngebheyili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili, izinhlamvu nezimpahla okusolwa ukuthi zebiwe, okukhona kuzo ama-laptop namaselula.
Uthe uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka kanti kusathungathwa nabanye abasolwa.
UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ukushayele ihlombe ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa okufaka phakathi iCrime Intelligence, Cato Manor Crime Prevention, Inanda Detectives neDurban Metro Police.