UMUSA Khawula (33) unqatshelwe ibheyili kulandela ukuvela eNnkantolo yesiFunda yaseFochville ngoLwesibili.
Lesi sinqumo sisekelwe ekwephuleni kwakhe imibandela yebheyili phambilini kanye nokwengezwa kwamanye amacala okusolwa ukuthi uwenze ngesikhathi engaphandle ngebheyili.
Njengamanje uKhawula ubhekene namacala amaningi okubalwa kuwo lokuhlambalaza usomabhizinisi ezinkundleni zokuxhumana nelokuzama ukubulala elenzeka eFree State.
“Icala lisuka esigamekweni esenzeka ngoFebhuwari 20, 2021 ngabo-6 ntambama, ngaseMponeng Mine. Kusolakala ukuthi ummangali nomkakhe babeshayela beya ekhaya emgwaqweni omncane ngesikhathi bebona i-Volkswagen Polo ipakile eceleni. Umsolwa wayemi eduze kwemoto enqunu ngezansi,” kusho uLumka Mahanjana, okhulumela i-NPA.
Uthe izithandani zasondela kumsolwa zamtshela ukuthi usendaweni okungamele abe kuyo.
“Bathi uma bejeqeza ngaphakathi emotweni ummangali, uthi wabona enye indoda isuka esihlalweni sangemuva iya kwesangaphambili igqoka. Ngemuva kokujikijelana ngamazwi phakathi kukammangali nomsolwa, umsolwa kuthiwa wabuyela emotweni wahamba nokwathi uma efika lapho kuphela khona umgwaqo wajika. Kuthiwa wabe eseshayisa ummangali, owayemi eduze kwasesicabheni somshayeli emotweni yakhe, wabaleka washiya ummangali elimele phansi.”
Kuthiwa amalungu e-Community Policing Forum ayehamba emgwaqweni ofanayo athola ummangali elimele abe esetshela amaphoyosa. Umsolwa waboshwa esethaveni eseduze wavela enkantolo ngoFebhuwari 22 ngo-2021, lapho aphuma khona ngebheyli ka-R1 000.
Icala lakhe kuhlelwe ukuthi liqale ukuqulwa eNkantolo Yesifunda eFochville ngomhla ka-22 Meyi 2025.