IZOHLABANA nge-quantum induna ezophuma phambili emcimbini wokuklomelisa izinduna ezenza kahle, ohlelwa wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal.
Umcimbi wokuklomelisa izinduna uzokuba kuwo lo nyaka, usuku alukabekwa.
Lokhu kumenyezelwe wuMphathiswa woMnyango, uMfu Thulasizwe Buthelezi, obekhuluma nabezindaba emva kokwethula isabelomali somnyango esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Kuzobe kungokokuqala kwenziwa umcimbi walolu hlobo.
UButhelezi uthe bahlose ukuqhakambisa umsebenzi omuhle owenziwa yizinduna.
"Izinduna ziwuhlaka olubalulekile emiphakathini yakithi. Kunezinduna eziningi ezenza umsebenzi oncomekayo. Ngakho-ke kulo nyaka sizokwenza umcimbi wokuthi induna evelele, ebashaya bonke emakhanda iwine i-quantum. Lena yikhumbi esizoyinika induna, siyincome, siyiklomelise."
UButhelezi uthe kubalulekile ukuthi zinconywe izinduna ezenza kahle.
"Izinduna zenza umsebenzi obalulekile ukuqoqa imiphakathi ehlwempu. Izinduna ziyiso lamakhosi. Yingakho sizoqikelela ukuthi zihlonishwa ngendlela efanele."
KwaZulu-Natal kunezinduna ezingaphezu kuka-3 000.
UButhelezi uthe kusukela angena esikhundleni kunezinduna ezingu-120 eseziqokiwe.
"Maduze lezi zinduna zizonikezwa izitifiketi. Udaba lokuqokwa kwezinduna lubalulekile futhi ludinga ukuphathwa ngokucophelela. Njengoba ngishilo izinduna zibambe iqhaza elibalulekile esizweni ziphinde zeseke amakhosi."
Sisonke isabelomali somnyango siwu-R1.9 billion.
UButhelezi uthe isabelomali somnyango sizosebenza kakhulu ekuqinisekiseni ukuhanjiswa kwentuthuko komasipala nasezindaweni zamakhosi.
Uthe babeke eceleni u-R397.5 million ozolekelela omasipala ukuba bafakele abantu amanzi nogesi.
Kule mali kuzohlomula zonke izifunda zaKwaZulu-Natal ezingu-11.
Komasipala abazohlomula kulo nyaka wezimali kubalwa noMasipala wasoLundi onikezwe u-R56 million.
Le mali izosetshenziselwa ukulungisa iziteshi zikagesi ezimbili kuphinde kufakwe ugesi eBabanango, lapho kuzohlomula imizi engu-105.
"U-R15 million uya kuMasipala waseNkandla, uyofaka ugesi ku-ward 4, 6, no-10. Lapho kuzohlomula imizi engu-100 ezofakelwa ugesi. U-R42 million uya kuMasipala waseBaqulusini. Le mali iyofaka ugesi. U-R26 million uzosetshenziselwa ukufaka ugesi ohlelweni olubizwa ngokuthi yiMabhula, kuzohlomula imizi engu-260. U-R16 million uyofaka ugesi eMadanyini ku-ward 2, kuzohlomula imizi engu-150."
"U-R3.7 million uya kuMasipala waseNdumeni, uyofaka ama-high master lights amabili asebenza nge-solar, kuzophinde kufakwe nepitsi eWasbank ukuze kusizakale umphakathi."
UButhelezi uthe basazomemezela ukuthi yibaphi abanye omasipala abazohlomula kulolu hlelo.