UKUQONDA ukuthi izinto ngeke zihlale zihamba kahle emculweni nokuthi kuzoshaya isikhathi lapho okungenzeka kudingeke abheke enye indlela azophila ngayo, ngenye yezinto ezikhuthaze umculi we-afro pop nama-piano uZe2 ukuqhubeka nemfundo ezingeni eliphakeme.
Usho njalo exoxa neSolezwe Ngempelasonto emva kokwethweswa iziqu ze-Advanced Diploma in Logistics Management e-University of Johannesburg (UJ) ngoLwesithathu, emva kokuthi ephothule lezi zifundo ngonyaka odlule.
UZe2 (31) wakwa-V eMlaza, eningizimu yaseThekwini, uthe ngaphandle kokuthi lokhu kuzomsiza uma kwenzeka izinto zingasahambi kahle emculweni, kepha ujabule nangokuthi lesi sigaba siyinto obese kuyisikhathi eside ezifisela yona nomndeni wakhe.
"Okunye futhi okungikhuthaze ukuqhubeka nemfundo yami wukuthi i-diploma yami ngayiphothula ngesikhathi esibi e-University of Zululand ngo-2020, kusabhoke iCovid-19 ezweni - okwenza wangaba bikho umcimbi owejwayelekile wokuthweswa iziqu, ngakho ngijabule ngokuthi kulokhu ngikwazile ukujabula nomndeni wami ngendlela esasivele sifisa ukuthi kwenzeke ngayo kwasekuqaleni," kusho yena.
Uthe bekungelula neze konke lokhu njengoba ebefunda ebe exinwe wukuqopha umculo, futhi ngaleso sikhathi ubehlala eMidrand, obekumshaya ephaketheni uma sekumele aye esikoleni njengoba uphiko lwe-UJ abefunda kulona luse-Auckland Park, eGoli.
"Ukubekezela kwami kuthele izithelo njengoba sengiyitholile into ebengiyifuna. Manje sengizogxila kakhulu emculweni, ngibe ngiqhubeka nokuhlwaya amathuba omsebenzi engiwufundele ukusiza ukugwema ukuthi ngime ngento eyodwa kuphela" kusho uZe2.
Ebuzwa ngezinhlelo zakhe zomculo, uZe2 uthe uvele umatasa uhlela ukukhipha icwecwe elifishane ngoMeyi, azobe evalelisa ngalo kuma-piano njengoba esehlela ukuqhubeka nomculo oyisigqi se-afro pop ayevele engene ngaso emculweni.
Uthe: "Ngangivele ngingene kuma-piano ngoba ngifuna ukuthi igama lami lisheshe lazeke kalula emculweni bese ngiqhubeka lapho ukwenza umculo wami ngendlela engifisa ngayo."
UZe2, ogama lakhe lokuzalwa wuZethu Nhlangulela, ugqame emculweni ngengoma yakhe ethi Okok'gcina, ayishaya noYoung Stunna no-XWise. Usebenze namaciko okukhona kuwona oRussell Zuma, Sipho Magudulela, Kabza De Small, nomphathi wakhe u-Oskido.