UKWEHLELWA ababukeli komdlalo iMuvhango yikhona okuphoqe inhlangano yokusakaza iSABC ukuthi iqede ngalo mdlalo.
Lo mdlalo okuthiwa ubusunezinkinga ngisho nangaphakathi, kuvela ukuthi iSABC ibingazinaki kodwa ukwehlelwa ababukeli yikhona okushayelele isipikili sokugcina sokuthi baqede ngawo.
Ngonyaka odlule ngemuva kokuthi umisiwe, abalingisi bakhala ngamaholo iSABC yazama konke ukuthi uphinde ubuyelwe yisithunzi njengoba yazama ukuwushintsha, kwalethwa abalingisi abasha kodwa nalokho akuthelanga zithelo .
Ngesizini ka-27 eyethulwa ngasekupheleni konyaka, kwethulwa abalingisi abasha okukhona kubo uGabisile Tshabalala, Nicholas Nkuna, Leleti Khumalo, Thandy Matlaila nabanye.
Akugcinanga lapho kodwa kwaze kwashintshwa ngisho ibika ukuheha ababukeli abasha ikakhulukazi intsha.
Kodwa konke lokho akusebenzanga njengoba umphathi weSABC, uNomsa Chabeli ekuqinisekisile ukuthi lo mdlalo uyaphela ekupheleni kukaJulayi.
"Okwamanje asinakho okusha esingakukhombisa ababukeli okuvutshelwe kuleli, kuyasiphoqa ukuthi silokhu siveza izinto ezindala esezadlula ababukeli abake bazibona. Asenzi kahle ekukhiqizeni izinhlelo nemidlalo emisha eyenza abantu bakuleli bajabule bayithakasele usuku nosuku. Ukuze sivale isikhala seMuvhango, sethula umdlalo omusha owuchungechunge othi Pimville Queens, ozoqala ngo-Agasti, uzoqoshwa yinkampani iBakwena Productionsephethwe wumlingisi uKagiso Modupi,” kuchaza uNomsa.
Uthe umdlalo omusha bazowethula ngawo u-Agasti, kodwa akangabazi ukuthi ababukeli abaningi bazobuyela emuva njengoba kwakwenzeka ekuqaleni.
"Sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi umdlalo uzohamisana nalokhu ababukeli abakufunayo, nokuthi umdlalo lokhu oxoxa ngakho uzokwenza nathi njengesiteshi sibone ukuthi uyakufeza esikufunayo okuwukubuyisa ababukeli bese uhamba phambili kuneminye ekhona. Ngalokhu esesikubonile manje okubhaliwe ngawo, asingabazi ukuthi uzokwenza kahle uqala kuze kube sekugcineni,” kuchaza yena.