UKHOMISHANA wamaphoyisa kazwelonke uGeneral Fannie Masemola utshele abezindaba ukuthi izidumbu ezintathu kwezinhlanu ezitholakale emfuleni iHennops ngezamaphoyisa obekubikwa ukuthi anyamalale elibangisa eLimpopo esuka eFree State.
Kulo mfula kutholakale ezinye izidumbu ezimbili, esisodwa sazo kuthiwa ngesikamabhalane esiteshini samaphoyisa iLittleton, eCenturion.
""Uphenyo lwethu ngoMsombuluko lusiholele kulo mfula, lapho okutholakale khona izingcezu zemoto okukholakala ukuthi ngezeVW kwatholakala neVan yeRenault esigcine sithola ukuthi ungomunye wabasebenzi basesiphoyiseni."
Izidumbu ezimbili zokuqala kube ngesikamabhalane nephoyisa elilahlekile.
"Unkosikazi kamabhalane uyena oqinisekise umyeni wakhe. Uthe umyeni wakhe wahamba ngoMgqibelo evakashele abangani. Akazange akhathazeke uma engabuyi ekhaya ngoba uhlole i-tracker yemoto ngezintatha zangeSonto wabona ukuthi imoto ibude buduze nekhaya labo," kusho uMasemola.
Uthi umbiko womuntu obedlula ngendlela ebona imoto emfuleni yiwona osukumise amaphoyisa nalo nkosikazi, waqala lapho umsebenzi wokusesha lo mfula.
Uthi kuyaphenywa ngesidumbu sesihlanu esitholakale sesonakele nangemoto yamaphoyisa engakatholakali