AMAPHOYISA asebenza ngaphansi kophiko lwabatshuzi asemfuleni i-Hennops, eCenturion, lapho ethungatha khona isdumbu sephoyisa elalahleka nozakwabo besuka eFree State belibangise eLimpopo.
Kubikwa ukuthi ngoMsombuluko kutholakale izidumbu ezimbili futhi sezihlonziwe zaqinisekiswa.
Okwamanje abatshuzi basesha isidumbu sesithathu esingakatholakali.
Kuthiwa amaphoyisa aphethe izinsiza kusebenza ezifana nama-drone futhi kukhona nendiza enophephela emhlane okusetshenziselwa ukuthungatha isidumbu sesithathu.
Lamaphoyisa angoConstable ngoBoipelo Senoge (20), Linda Cebekhulu (24) noKeamogetswe Buys (30).
Amaphoyisa akholwa wukuthi adunwa imoto ase eyathunjwa emgwaqeni uN1 eGoli. Agcina ukubonakala kwi-video esegarani i-Engen, eGrasmere Toll Plaza ngo-Ephreli 23 ehamba ngeVW Polo emhlophe esendleleni ebheke emsebenzini eLimpopo lapho ayejutshwe khona.