SEKUVELE ukuthi asewushiye nonkosikazi wesihlanu uSamkelisiwe Khwela umuzi oseMzumbe, amakhosikazi amathathu kaMusa Mseleku abehlala kuwo.
Kuvela ukuthi uNokukhanya odume ngelikaMayeni, uThobile uMaKhumalo noMbali uMaNgwabe sebenemizi emisha abahlala kuyo eThekwini nasePort Shepstone.
Akucaci ukuthi bathathe lesi sinqumo ngoba sekufike unkosikazi wesihlanu egcekeni, noma bekuyinto ebisezinhlelweni zabo.
Laba bebehlala ndawonye ekhaya elikhulu abebeshuthela kulo uhlelo Uthando Nesithembu, kuthi unkosikazi omdala uMaCele abe nomuzi wakhe eSea Park, ePort Shepstone.
Muva nje ezinkundleni zokuxhumana kukhona abake bakunaka ukuthi uMaKhumalo noMaNgwabe sebeshuthela emizini emisha.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi laba abashiyanga ngoba behlukana nomyeni wabo kodwa bakhethe ukuthi bathengelwe imizi emisha ngoba bengasathandi ukuthi bahlale bonke ndawonye.
“Ekhaya kusele uSne noMaKhwela njengoba enengane encane. Bonke bathenge imizi baphuma emzini omkhulu abebehlala kuwo. Ukuhamba kwabo akukhona ukuthi bahlukene noMseleku, kodwa yisinqumo nje abasithathile sokufuna ukuphuma eMzumbe. Inkinga wukuthi kusuke kwenzeka kanye kanye manje sekungathi yinto abayenze ngoba kukhona okubacasulile."
Umthombo uthe: "Ubonile nawe ohlelweni ukuthi ike yaba khona indaba ethinta ukuhlala eMzumbe, abanye beveza ukuthi banazo izindawo abangakha kuzona. Osekuzokwenzeka nje manje wukuthi bazohlangana eMzumbe uma kukhona umcimbi owenziwayo, bafike bavule izindlu zabo bahlale kuzo.”
Uveze ukuthi njengoba le sizini entsha igoqwa manje, maphakathi noMeyi kuzoqala ukushuthwa kwesizini entsha, lapho sekuzobe sekugqama khona ukuthi baphumile ekhaya futhi kuzobe sekuvela nengane kaMaKhwela, njengoba esenesikhathi ebelethile.
Ubuzwa umthombo ukuthi amanye amakhosikazi gcine emamukelile yini uMaKhwela, umthombo uthe okwamanje akucaci njengoba esasondelene kakhulu noMaCele.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMusa Mseleku ngalezi zindaba ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.
Kwenzeka lokhu nje kulindeleke ukuthi ngoMeyi 25, kuqale kukhonjiswe isizini yesithathu yohlelo Izingane Zesithembu.
Kulolu hlelo kugqama impilo yezingane ezizalwa kulo mndeni njengoba sezikhulile seziphila impilo yazo, ezinye sezisebenza ezinye zisaqhubeka nemfundo.
UMpumelelo, Mpilo, Sne, Lwandle no-Abongwe yibona abazogqama kakhulu ohlelweni.