LITHELEKE eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma liziphihle ngayo "ijakhethi yokwebiwa" elinye ilungu leqembu "lemigulukudu" iWest, njengoba belivela nozakwabo abathathu ngoxhaxha lwamacala abucayi okuthiwa bebewenza eNanda.
Kubona, bekukhona uMnuz Sfiso Zukulu, Mnuz Sanele Ngwane, Mnuz Sanele Shwabede noMnuz Khayelihle Cele.
Bakhalelwe amasongo kaSigonyela ngoMgqibelo, eCato Manor, eMayville, ngoMgqibelo.
Phakathi kwamacala abasolwa ngawo awokubulala, ukuzama ukubulala, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe nokuthumba okuthiwa bawenze kusuka ngoJuni ngonyaka odlule kuze kuba bayaboshwa.
Bebesina bededelana ebhokisini labamangalelwa, ngokwehlukahlukana kwamacala abo.
Kwelokuqala elibhekene noZukulu noShwabede, babekwe amacala amathathu.
Kuwona kukhona elokubulawa kukaMnuz Cebolenkosi Ndlovu (41) ngokudutshulwa, amabili okuzama ukubulala uMnuz Msawenkosi Jaba noMnuz Mongezi, isibongo sakhe esingadalulwanga, nawo okuthiwa babadubula.
Kuvele ukuthi bawenze eMaoti, ngoJanuwari kuwo lo nyaka.
Kwelesithathu elibhekene noShwabede noNgwane, bathweswe amacala amabili. Kuwona, kukhona elokubulala uMnuz Andile Hadebe (41) ngoFebhuwari, kulo nyaka, eMaoti, nelokubamba inkunzi kuhlonyiwe lapho abathatha khona ithelevishini.
Kwelesine, elibhekene noZukulu noNgwane, basolwa ngamacala amathathu.
Kuthiwa babulala uMnuz Simbongile Mgqibandaba ngoJanuwari, kulo nyaka, elokubulala uZolile Mchokoviyana nelokubamba inkunzi behlomile, bathatha ithelevishini nemali engu-R2 000.
Elokugcina, kuthinteka uNgwane, Zukulu, Shwabede noCele.
Basolwa ngokubulala uJabulani Maphumulo ngoFebhuwari, kulo nyaka, elokuzama ukubulala uMnuz Masheshe, elokuthumba owomndeni wakwaNgcobo, nelokweba izimpahla ezehlukene zenani lika-R40 850.
Kulezi zimpahla yilapho okubalwe khona ijakhethi ebigqokwe ummangalelwa. Laba kuthiwa baphinde babaphoqa ukuba babathumele (transfer) imali ewu-R25 000.
Kuvele ukuthi kukhona amanye amacala ababewaboshelwe wona, abawahambayo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Kuwona kukhona elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni, izinhlamvu nempahla eyebiwe.
Bonke bathe bayasilaxaza isicelo sebheyili, imantshi yawahlehlesela uMeyi 27, wonke amacala abo, ithi uMbuso usalinde kuqoqwe obunye ubufakazi obusele.
Kubona kukhona imibiko yokuhlolwa kwezidumbu, izitatimende zofakazi nokunye.
Ngesikhathi besaqala ukungena enkantolo, ababili abangene ngasekuqaleni, bebebukeka behlinile, bedla imihlathi.
Kuthe imantshi isiveza ukuthi izobavumela abezindaba ukuba baqophe konke okwenzeka ngaphakathi enkantolo, bavele bahloma amakhanda phansi unomphelo.
Baze bakhuphula ngisho namajakhethi, bawabeka ngenhla kwamakhala, bezama ukuzifihla ubuso. Nokho imantshi ifune incazelo yokuthi kungani bezifihla, baphoqeleka ukuthi bawehlise amajakhethi, maqede baqhubeka nokuwahloma phansi amakhanda.
Ngaphakathi enkantolo, umphakathi ungene ulakanyana, waze wanqanyulwa yiphoyisa, lisho ukuthi akungabe kusangena muntu ngoba sekugcwele.
Bekukhona namaphoyisa abengeziwe, nawo abenkanise ngaphakathi enkantolo, ukuzoqapha isimo.
Esicabheni esingenela egumbini lenkantolo bekukhona enye inqwaba yomphakathi, ebilokhu imile.