BAYINEPHUZE bayiqeda abantu baseMsunduzi imeya yalo mkhandlu ebonakale ibuka umdlalo wezinkunzi zaseSoweto enkundleni iMoses Mabhida, ihlezi endaweni yomntakabani, emva kokuba umasipala ewuphethe uhoxise ngemizuzu yokugcina uhlelo lokubuka lo mdlalo obuluhlelele abantu abangakwazanga ukuthola amathikithi okuyowubuka.
Abantu baseMsunduzi bathe iMeya yomkhandlu, uMnuz Mzimkhulu Thebolla, ikhombise ukungazwelani nosizi lwabo ngokuqhubeka iyobuka ibhola enkundleni ekubeni umasipala ugile abantu abebezimisele ngokuzobuka umdlalo ndawonye.
UMasipala waseMsunduzi wamemezela ukuthi uzoba nohlelo lokubuka ibhola eCarbineers Garden, eseceleni kwehholo ledolobha.
NgoMgqibelo, umasipala uvele wabagila igoda abathandi bebhola njengoba umemezele ukuhoxiswa kohlelo lokubukwa kwebhola.
Lesi simemezelo senziwe kusele isikhathi esingaphansi kwamahora amabili kuqale umdlalo.
Abanye abantu bajike khona endaweni obekuzobukwa kuyo ibhola njengoba bebengazi ukuthi sekuhoxisiwe ukubukwa kwalo.
Okucasule kakhulu abantu baseMsunduzi wukubonakala kwezithombe zikaThebolla, ebuka ibhola enkundleni.
Kulezi zithombe uThebolla ubonakala ehlezi nokhulumela uhulumeni waKwaZulu-Natal, uMnuz Bongani Gina nomsakazi weGagasi, u-Alex Mthiyane.
Abantu bekuthi abamudle bamfele ezinkundleni zokuxhumana.
Abanye bebebuza ukuthi kungani yena engenzanga njengeMeya yaseThekwini, uMnuz Cyril Xaba, ebonakale ibuka ibhola nabantu endaweni yokubuka ibhola ebihlelwe wumkhandlu?
Ikhansela le-IFP, uMnuz Thinasonke Ntombela, lithe kube kubi ukuthi umasipala uhoxise uhlelo sekusele isikhathi esincane ukuba kuqale umdlalo.
"Awukwazi ukuhoxisa ngomzuzu wokugcina ngoba phela uMsunduzi mkhulu kakhulu, kukhona abantu abasuka kude. Abantu abasuka koVulindlela nakoNcwadi bese bevele sebesendleleni ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi sekuhoxisiwe. Yimbi le nto ngoba phela sonke siyazi ukuthi abantu abaningi abazange bawathole amathikithi. Yingakho nje omasipala abaningi benqume ukuhlelela abantu."
UNtombela uthe bafuna kuphenywe ngalolu daba.
"Kungenzeka ukuthi kunemali ebisikhishiwe njengoba abantu begcine bengalibukanga ibhola."
Ikhansela le-DA, uMnuz Reggie Khanyile, lithe uThebolla ukhombise ukungabi nazwelo.
"Abantu basuke ezindaweni ezikude, le koVulindlela, bangabafica obhazabhaza bamathelevishini. Yena uyaqhubeka nokuyoqhiphotheka eMabhida."
UThebolla uxolisile kubo bonke abantu abagibelele ubala.
UThebolla uthe bathole ukuthi umuntu abebemqashile ukuba abahlinzeke ngobhazabhaza wethelevishini ubeqashwe ezindaweni ezimbili.
"Ngesikhathi abasebenzi bomkhandlu sebethi bazama ukumfonela, bathole ukuthi uye komunye umasipala. Lapho bese kusele isikhathi esincane ukuthi kuqale umdlalo, okuphoqe ukuthi sivele sinqume ukuhoxisa. Asazi ukuthi kungani evumile ukusihlinzeka ngobhazabhaza wethelevishini ekubeni azi kahle ukuthi uqashwe ezindaweni ezimbili."
UThebolla uthe bazophenya ngalolu daba.
Uthe akazi ukuthi kungani abantu begxeka ukuya kwakhe eMoses Mabhida.
Uthe njengomuntu othanda ibhola uhlezi eya ukuyolibuka.
"Ngiyaya ngisho lidlala eGoli. Bengingenalo uhlelo oluthi ngizoya kobukela ibhola endaweni ebihlelwe wumasipala."