BANGAWA bhu phansi noma yinini omasipala baKwaZulu-Natal abahlanu ababhekene nenkinga yemali.
Umbiko woMcwaningi-maBhuku omkhulu uveze ukuthi ngabe kade bavalwa labo masipala ukuba bayizinkampani ezizimele.
Umbiko owethulwe esiShayamthetho KwaZulu-Natal, uveze ukuthi kungaba mnyama kulabo masipala uma bengase bangazitholi izabelo eziqhamuka kuhulumeni kazwelonke nowesifundazwe.
Umbiko wethulwe emhlanganweni obuhanjelwe amalungu amakomiti ahlukene, elibhekele ukusebenza kwemali yomphakathi nelibhekele ukusebenza koMnyango wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.
Omasipala okuthiwa basengcupheni yokuwa womasipala bezifunda, Ugu, uThukela, uMzinyathi, Ndumeni nowaseMpofana.
Osehhovisi loMcwaningi-maBhuku KwaZulu-Natal, uNksz Nomalungelo Mkhize, uthe izinto ezifake labo masipala enkingeni, wukungaphathwa kahle kwemali, ukwehluleka ukuqoqa izikweletu, kanye nokuhluleka ukusukumela eyamanzi aphelela emhlabathini nekagesi ontshontshwayo.
"Lesi simo senza ukuthi omasipala abaningi bagcine sebebika ukuthi basengcupheni yokuwa. Ukuba labo masipala bayizinkampani ezizimele ngabe kade bavalwa. Bathembele emalini abayithola kuhulumeni wesifundazwe nokazwelonke. Kuyimanje labo masipala abanayo imali eyanele yokuqedela ezinye izinhlelo zentuthuko."
Abanye omasipala abane nabo kusele kancane ukuthi bafike kule simo.
UMasipala waseNewcastle, uMngeni, eMadlangeni nowaseMpendle nabo basenkingeni yemali.
UNksz Mkhize uthe omasipala abaningi basebenzisa baze badlule emalini abasuke beyabelwe.
Uthe lokhu kwenza ukuthi omasipala bagcine sebesebenzisa imali yangonyaka wemali olandelayo ukukhokhela izikweletu zangonyaka wemali owedlule.
"U-26% womasipala baKwaZulu-Natal usebenzise ngokweqile izabelo zawo zonyaka wemali. Lokhu kusho ukuthi isabelo sakulo nyaka wemali sizokhokhela izikweletu zangonyaka owedlule. Unyaka wemali uphele omasipala abaningi sebengenele ezabelweni zonyaka olandelayo."
UNksz Mkhize uthe nakuba omasipala besebenzisa ngokweqile imali abasuke beyabelwe kodwa bayahluleka ukwenza izinto abasuke bezibekele zona ngasekuqaleni konyaka wemali.
Omasipala abahluleka kakhulu wukwenza izinto abasuke bezibeke zona omasipala bezifunda.
UMasipala wesifunda uMzinyathi usebenzise u-113% wesabelomali kodwa wenza u-20% kuphela wezinto ozibekele zona.
UMasipala wesifunda Ugu wenze u-41%, uMkhanyakude wenze u-46%, Amajuba wenze 54%, owaseHarry Gwala wenze u-52% owasoThukela wenza u-56%.
"Munye umasipala okwenze konke obuzibekele khona, okuwuMasipala wesifunda iZululand. Le nkinga yokungenziwa kwezinto omasipala abasuke bezibekele zona, yenza ukuthi abantu bagcine bengazitholanga izidingo ezifana namanzi. Ekugcineni abantu banquma ukubhikisha."