KUNGASE kuqopheke umlando isikhundla somholi webandla lamaRoma aKhatholika, sithathwe ngumuntu omnyama wase-Afrika.
Njengoba isigungu sabaholi bebandla sizokhetha umholi omusha ezinsukwini ezingaphansi kweziwu-20 ezizayo, sekuvele igama lomfundisi owazalelwa e-Ghana kulabo abasethubeni lokuthatha isikhundla.
UCardinal Peter Turkson (76), ungomunye wabagcotshwa abasethubeni lokuthatha isikhundla esivuleke emva kokushona kukaPope Francis, oshone ngoMsombuluko.
UTurkson wake wamataniswa nalesi sikhundla ngo-2013, ngaphambi kokuthi kuqokwe uFrancis. Ukuqokwa kwakhe kungasho ukuthi ungumholi wokuqala omnyama webandla.
UFrancis naye waba ngomholi wokuqala webandla oqhamuka eLatin America.
Abantu basho amashushu ezinkundleni zokuxhumana ngokuqokwa komholi wokuqala webandla omnyama.
Omunye umfundisi wase-Afrika okuvela igama lakhe uCardinal Robert Sarah (79), waseGuinea. USarah uyingxenye yabefundisi okuzokhethwa kubona kodwa amathuba okukhethwa mancane njengoba iminyaka isihambile kuye.
Kuphinde kuvele negama lomfundisi wasezwenikazi i-Asia, uCardinal Luis Antonio Tagle. Angaba owokuqala wase-Asia ukuphatha lesi sikhundla uma kungagcina kuqokwe yena.
Bebonke bangu-15 abantu okuzokhethwa kubona.
Umfundisi waseNingizimu Afrika ozokuba yingxenye yabazokhetha umholi omusha nguCardinal Stephen Brislin. UBrisil bekufanele afulathele elakuleli izolo, ukuze ezokuba yingxenye yemihlangano yokulungiselela umngcwabo kaFrancis, neyokuqoka umholi omusha.
Ekhuluma nabeNewzroom Afrika, uBrislin uthe kuyamjabulisa ukuba ingxenye yabefundisi abazoqoka umholi webandla omusha.
"Kuyithuba eliyingqayizivele ukuba yingxenye yabantu abazokhetha umholi webandla omusha. Ngikhulekela ukuba iNkosi isiphe ubuhlakani ngalesi sikhathi."
Khonamanjalo: Ikomkhulu lebandla seliveze ukuthi umngcwabo kaFrancis uzoba ngoMgqibelo, eSt. Peter’s Square, e-Italy.
Lokhu kuhambiselana nezifiso zakhe uFrancis.
Umzimba wakhe uzohlala izinsuku ezintathu eSt. Peter’s Basilica, lapho abantu bezonikezwa ithuba lokuthi bawubone ngaphambi komngcwabo.
Ibandla lizozila izinsuku eziyisishiyagalolunye.