UNGQONGQOSHE wezokuVakasha wethule umkhankaso wePhasika ngokukhuthaza abantu ukuba babheke kuqala ezindaweni zasemakhaya uma behlela uhambo lwempelasonto ende.
UNkk Patricia de Lille wethule umkhankaso kazwelonke wePhasika e-Atlantis Dunes, eKapa, eqhakambisa amathuba ezokuvakasha emadolobheni amancane. Umcimbi obuse-Twin Venture, indawo ye-quad biking (ukudlala izithuthuthu ezinamasondo amane) kanye ne-sandboarding (ukushibilika emhlabathini ngebhodi), okuhloswe ngayo ukukhombisa izinto ezahlukene ezingenziwa yizivakashi emadolobheni amancane.
Ekhuluma emcimbini obuhanjelwe abanikazi bamabhizinisi ezokungcebeleka, izinhlangano zezimboni, abezindaba nabathengi, uDe Lille ugcizelele ukubaluleka kokukhetha izindawo ezizoletha inzuzo kubantu bendawo ukuze kukhule umnotho.
"Indawo ozolala kuyo, indawo yokudlela, nazo zonke izinto eziyisikhumbuzo ezithengwa emakethe zifaka isandla emnothweni wethu. Ngokusekela ezokuvakasha zendawo, siqinisekisa ukuthi izinzuzo zokuvakasha zidlulela ngale kwamadolobha amakhulu- okugqugquzela ukukhula komnotho okubandakanya wonke umuntu," kusho uNgqongqoshe uDe Lille.
Ulwazi lwakamuva oluvela kwabe-Sho’t Left Travel Week yango-2024, lugqamisa izinto ezithandwa yizivakashi kuleli ngenhloso yokusiza abezinkampani zezokuvakasha bakhethele okufanele amakhasimende abo:
• Amanani aphansi - Izivakashi zifuna izindawo zokuhlala evumelana nesabelomali kanye nolwazi oluthe xaxa, okwenza imizamo efana ne-Sho’t Left ibaluleke kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi abantu abaningi baseNingizimu Afrika bangahlola izwe labo.
• Izindawo ezingadumile - Abantu abaningi baseNingizimu Afrika babonakala bekhetha izindawo ezisesithe, ezingenazo izihambeli eziningi futhi ezinomlando ojulile wamasiko.
• Uhlelo oluqondile - Abantu abaningi uma bebhuka nezinkampani zezokuvakasha, bafuna ukuhlelelwa ngokwezinhlelo zabo ngqo, indawo yokulala izinto ezizokwenziwa okufana nemidlalo nokubona izindawo ezintsha, izitolo ezizohanjelwa nezindawo zokudlela.