SESISEZANDLENI zeMangosuthu University of Technology (MUT), isakhiwo sabaphila nokukhubazeka saseMlaza, esaziwa ngeNduduzweni ngemuva kokuba sidayiswe wuMnyango wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda KwaZulu-Natal.
Lokhu kuvezwe uMphathiswa walo mnyango, uMnuz Martin Meyer, ngesikhathi ehambele kulesi sikhungo.
UMeyer uqale ngokuqinisekisa ukuthi lesi sakhiwo bekungesabo.
Uthe ukudayiswa kwaso kumayelana nohlelo oluhlabahlosile umnyango wakhe oluqhubayo lokunciphisa izindleko.
''Sihlale phansi savumelana, sabona kumqoka kakhulu ukuthi lesi sakhiwo simane sisisuse ezandleni zethu. Lokhu sikholwa ukuthi bekuyinto obekumele nakanjani siyenze,'' usho kanje.
Uthe bakholwa ukuthi sesifikile manje isikhathi sokuba bazidedele zonke izakhiwo abakholwa ukuthi lo mnyango awusazidingi.
Ephendula mayelana nabantu abahlala ngaphakathi kusona, uthe ngeke balenze iphutha lokuthi bamane babashiye nje kanjalo, baphenduke ondingasithebeni kodwa banohlelo lokuthi babatholele enye indawo engcono abangahlala kuyona.
Kuvelile lapha ukuthi isikhungo iMangosuthu University of Technology (MUT), safaka isicelo sokuthenga le ndawo ngokusemthethweni ngo-2019. Kuke kwaba khona isikhathi lapho futhi okwakukhalwa ngokuthi awasekho amanzi nogesi kulesi sakhiwo.
Lesi sakhiwo sidayiswa nje, bese kuphele isikhathi eside kakhulu sisetshenziswa ngabantu abaphila nokukhubazeka.
Kuhlalukile lapha ukuthi bangu-21 abaphila nokukhubazeka abasaqhubeka nokuhlala kulesi sakhiwo.
Ngaphambilini sake saba ngaphansi koMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal.
Abanye abaphila nokhubazeka bebebuye benze nezinto abaziphilisa ngazo okufaka phakathi ukwenza imisebenzi yezandla eyehlukene nokunye okuningi.
Umphathi weMUT, uSolwazi Nokuthula Sibiya, uthembise ukuthi nakanjani bazotholelwa enye indawo abebesaqhubeka nokuthi basebenzise lesi sakhiwo.
IMangosuthu ithe ifuna ukusebenzisa lesi sakhiwo ukuze kube yindawo yezitshudeni nokuthi kuphinde kufundelwe kuyona.
Lesi sakhiwo sidayiswa nje, ngaphambilini kwake kwaba nesikhalazo esikhulu sokuthi asisekho esimweni esikahle futhi asisaphephile kubantu abahlala kusona.
Bekukhona naloyo oyisikhulu esiphezulu eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Dumisani Xaba.