UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, uqinise ikhwelo lokuba kuxoshwe uNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, noMqondisi Jikelele emnyangweni, uDkt Duncan Pieterse.
UMalema uthe isinqumo seNkantolo eNkulu eWestern Cape, esiqinisekise ukuhoxiswa kwentela simbule uGodongwana noPieterse izinqa ukuthi abawazi umsebenzi wabo.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, izolo.
INkantolo eNkulu eWestern Cape ichithe isinqumo sikaGodongwana sokunyusa intela efakwa uma uthenga impahla iVAT, yaphinde yachitha nesinqumo sePhalamende sokuphasisa uhlaka lwesabelomali oluqukethe isiphakamiso sokuba kunyuswe i-VAT ngo-0.5%.
Le sinqumo sikhishwe emva kwesicelo se-EFF ne-DA abebefuna ukuba kuvinjwe ukunyuka kwentela obekuzoqala ngoLwesine.
UGodongwana ubecele ukuba udaba luxoxwe ngaphandle kwenkantolo.
UMalema uthe uGodongwana noPieterse bahluleke bancama wukwenza umsebenzi wabo.
UMalema uthe bazofaka ingcindezi kuMengameli, Cyril Ramaphosa, ukuba akhombe indlela uGodongwana.
"Asikwazi ukubuka umnyango obucayi kangaka uphethwe abantu abangazi ukuthi benzani. Sizoqhubeka nokulwela ukuthi kuxoshwe uGodongwana. Sizoqhubeka nokufaka ingcindezi ukuze uRamaphosa abone ukuthi kufanele ngempela axoshe uGodongwana. Sithemba ukuthi naye uGodongwana uzodliwa wunembeza bese eyasula."
Yize uMalema ethe bamfuna ehambile uGodongwana, uthe ngeke baseseke isiphakamiso seMK sokungabethembi ubuholi bukaGodongwana.
Ngeledlule iMK, eyiqembu eliphikisa ngokusemthethweni ePhalamende, ithe izofaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaGodongwana ePhalamende.
UMalema uthe iMK ikhombisa ukungawuqondi umthetho olawula ukuqokwa nokwehliswa esikhundleni kongqongqoshe.
"Yimuphi umthetho abazowusebenzisa lana? Ongqongqoshe baqokwa wumengameli. Wumengameli kuphela onelungelo lokuxosha ongqongqoshe. Ngeke siseseke isiphakamiso seMK ngoba siwumbhedo nje. Ngeke sibeseke abantu noma bebheda. Ukuba bazimisele ngempela bebezofaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukamengameli. Lapho ke besizobaseka."
UMalema uthe iqembu lakhe lenze umsebenzi ohlula iqembu eliphikisa ngokusemthethweni.
"Bahlezi bezishaya isifuba bethi yibona iqembu eliphikisa ngokusemthethweni. Asikuphiki ukuthi bathola amavoti amaningi kunawethu okhethweni olwedlule. Kodwa into esiyibuzayo wukuthi lokho kubasiza ngani? Ngesikhathi kukhona abantu abashiyayo kwi-EFF, baningi ababethi sizombuleka izinqa ngoba sishiywe wongqondongqondo. Uma kuwukuthi ngempela la bantu bangongqondongqondo kungani lokho bengakukhombisi lapho bekhona njengamanje?"
UMalema uthe bafuna ukuthi uGodongwana aqale phansi athule isabelomali.