UMSAKAZI woKhozi FM, uBingelela Mpanza, usephumele obala ngokuthandana nenkosi kamaskandi, uMongezi "Mayoghurt" Jama.
UBingelela (34), osakaza uSigiya Ngengoma ngokubambisana noVusizwe Langa, uthe ugcine ehlulekile ukuzibamba ngenxa yothando abeseluzwa luvutha amalangabi ngoMayoghurt.
"UJama uyangichaza. Unenhlonipho kakhulu, unothando kimina. Kuyamangaza ukuthandwa umuntu ofana naye. Ungowekhethelo impela."
Uthe ukuthandana noMayoghurt kufane nokufezeka kwephupho lakhe ayenalo esakhula.
"Vele ngisemncane ngangifisa ukuthandana nomuntu ongithanda njengo-Bliss."
Yize uBingelela ezifela ngalo mculi obuye avele kuMzansi Magic ohlelweni lwabantu abakhubazeke ngokungakhuli, iShort and Sweet kodwa kunabantu abashaya amakhala ngalobu budlelwano ngenxa yokuthi uBingelela ushiya uMayoghurt (23) ngeminyaka elishumi nanye futhi uMayoghurt akakabi namntwana ekubeni uBingelela esenabo.
Nakuba kunjalo kodwa uBingelela uthe izimfamona zizokhala zize zome izinyembezi ngoba lolu thando oselumvale izindlebe.
"Ngiyabezwa nje abantu abaningi abayiboni kahle le nto yethu kodwa nje bazojwayela. Khona uthando vele aluvamile ukwemukeleka. NaKwaNongoma bamjabulele kakhulu (uMayoghurt) sifika naye eyobingelela emzini," kusho uBingelela.
Uthe uMayoghurt usemthulile nasemndenini wakhe.
"NgoMgqibelo esiya kuwona, uyobe egqoke into efana neyami ngenxa yokuthi uma siya phakathi kwabantu kumele sibukeke kahle," kuphetha uBingelela.
NoMayoghurt waseMzimkhulu, uthe okwamenza wazibika kuBingelela ukuthi wahlabeka umxhwele yinhlonipho nokuba nomoya omuhle.
Lo mculi ungomunye wabaqashwa kakhulu kulezi zinsuku ngenxa yengoma yakhe ethi Bhinca Lami.
NgoMgqibelo, uzobe eshiyelana inkundla kwiNongoma Big Night Music Festival ezinkundleni zemidlalo zaKwaLindizwe, KwaNongoma, nezihlabani ezinjengoBabes Wodumo, Thokozani Langa, AmaSiblings, Menzi, Imfezemnyama, Buselaphi, Mdumazi, Mjolisi, Mafikizolo, Ithwasa Lekhansela, Njabulo Langa, Stability, Dumakahle, Inkosi Yamagcokama, NND International nabanye.
Uhlelo lwalo mcimbi luzobe luphethwe nguTshatha, Zimdollar, Selbeyonce, Mroza Buthelezi, Londa Mbatha, Mdonso Ngcobo, Kiss Before, Londi Gazu, Welcome Ntombela, Nqubeko Ndlela, Gwajo, Mfanuphetheni, MC Wesizwe nabanye. Amathikithi atholakala eComputicket, Shoprite, TicketPro nasezitolo zaseSpar ngo-R100 nango-R500.