IYANDA iminyango kahulumeni waKwaZulu-Natal ebhekene nolaka losomabhizinisi abangakhokhelwe.
Izolo osomabhizinisi abangakhokhelwe bagasele emahhovisi oMnyango wezokuThutha beyobasela imali yabo.
Lo mnyango uthe ukweleta izinkampani ezingaphezu kuka-2 000 imali engaphezu kuka-R1.5 billion.
Osomabhizinisi abebethukuthele beganwe unwabu bakhale ngokulindiswa imali yabo isikhathi eside.
UMphathiswa woMnyango, uMnuz Siboniso Duma, ukhale ngobuhixihixi obudalwe wukushintshwa kohlelo lokukhokha olwenganyelwe wuMnyango wezeziMali kuzwelonke.
UDuma uthe basebenzisana nalo mnyango ukuzama ukuxazulula le nkinga.
"Sibikile ngesonto eledlule ukuthi uMnyango wezeziMali wethule uhlelo olusha lokukhokha, usuka ohlelweni oludala olwaqala ukusebenza ngo-2017. Kusobala ukuthi ukushintshwa kohlelo akugcini nje ngokuphazamisa abanikazi bezinkampani kodwa kuphazamisa nezinhlelo zethu zokwakha imigwaqo. Kuzophazamiseka izinhlelo zethu zokuhambisa intuthuko. Okubi futhi wukuthi le simo siphazamisa izinhlelo zethu zokuqinisekisa ukuthi bonke osomabhizinisi bakhokhelwa zingakapheli izinsuku ezingu-30."
UDuma uthe ukhathazekile ngokubambezeleka kokukhokhelwa kosonkontileka.
"Ngixolisile kakhulu kosomabhizinisi abangakhokhelwe. Kusiphatha kabi ukungakhokhelwa kosomabhizinisi abenza umsebenzi obalulekile lapha esifundazweni. Abantu esibakweletayo bakha imigwaqo namabhuloho, abanye basihlinzeka ngezokuthutha nangokunye."
UDuma uthe osomabhizinisi bazoqala maduze ukuthola imali yabo.
"Kunemali engu-R600 million esizoyikhokha kuleli sonto. Enye imali engu-R700 million sizoyikhokha emasontweni amabili azayo."
Lo wumnyango wesithathu KwaZulu-Natal ukubhekana nolaka losomabhizinisi abangakhokhelwe.
Osomabhizinisi abangakhokhelwe basanda kubasela izikweletu zabo eMnyangweni wezeMfundo nakowezeMpilo.
Osomabhizinisi abasohlelweni lokuphakelwa kwezikole basanda kuqhinqa emahhovisi oMnyango wezeMfundo, bekhala ngokungakhokhelwa.
UMnyango wezeMpilo wona unesikweletu sikaR1.7 billion.
Osomabhizinisi abangakhokhelwe basanda kuvala amahhovisi alo mnyango befuna imali abayikweletwayo.
Nayo le minyango yakhala ngobuhixihixi obudalwe wukushintshwa kohlelo lokukhokha.