UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal udlulise amazwi enduduzo ebukhosini bakwaTembe ngokudlula emhlabeni koMntwana uMxolisi Siboniso Tembe (41).
UMntwana ufe ujuqu ehamba nomngani wakhe uSihle Mthembu engozini eyenzeke ku-N2, phakathi komfula uThukela neDokodweni Toll Plaza ngoLwesihlanu. Ngesikhathi kwenzeka ingozi uMntwana uTembe ubebheke ekhaya kuMasipala wesiFunda uMkhanyakude.
Ushiya ingoduso yakhe, odadewabo ababili nomfowabo omncane.
Enye ingozi edlule nemiphefumulo emihlanu yenzeke ngeSonto ekuseni eCato Ridge.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS uGarrith Jamieson, uthi ithimba lakhe ebelihambele indawo yesigameko, lithe umndeni wabayisithupha ubuphuma endaweni yaseCato Ridge uhambise ilungu lomndeni wabo esibhedlela elilimele ngokugwazwa.
"Wonke amalungu omndeni ayisithupha alimele kanzima, ilunga lomndeni eligwaziwe lishonele endaweni yesigameko kanye namanye amalungu omndeni amane."