Unkosikazi kaDon Mlangeni Nawa, uRegina useveze okokuqala ukuthi umyeni wakhe ubehlaselwe isifo somdlavuza wamankwahla okuyisona esimthathile. Ukusho lokhu enkozweni yakhe ebinamhlanje eGermiston Civic Centre, eKurhuleni.
UDon udume elingisa emidlalweni Isidingo, Sgudi Snaysi, Hlala Kwabafileyo oshone ngoLwesithathu olwedlule. Unkosikazi wakhe uthe lesi sifo bese kunesikhathi simudla futhi babonga uNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lisufi nabanye oNgqongqoshe kuzwelonke ngokubasiza ngemishanguzo njengoba isimo sezimali bese singasihle.
"Waqala iChemotherapy yokuqala yangasebenza, odokotela bamnika eyesibili yafika yaba yimbi emzimbeni. Yamdala ukuthi akhuluphale kakhulu kanti usenamanzi amaningi emzimbeni. Bampompa amanzi, sase sithola ngelinye ikhambi phesheya kwezilwandle sacela izikhulu zikahulumeni ukuthi zisithengele, akabange esaliqeda elesibili njengoba odokotela bamtshela muva nje ukuthi ngeke besamgcina esibhedlela akayoshonela ekhaya," kuchaza yena.
Ubonge osaziwayo nosopolitiki ngokubeseka.