INDIMA yomculo kamaskandi igqemeke udume lwengozi kudlula emhlabeni enye yezinsika zawo, uDumisile KaManana Mthalane weMithente.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe imithombo yezindaba yiHhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, lengwazi ishonele esibhedlela saseGoli, iVosloorus nezintathakusa zanamhlanje.
UNtuli uthe baphatheke kabi kakhulu ngokuhamba kwale ngqalabutho emculweni wabesifazane.
"Njengomunye wabasunguli beMithente, ubengasiye nje umculi onekhono kuphela kodwa ubewumholi oqotho obeqhakambisa ukuthula nobumbano, ehamba ezinyathelweni zoMntwana waKwaPhindangene, uDkt Mangosuthu Buthelezi. Uhambe kakhulu noMntwana, ezibophezele ekugqugquzeleni ubumbano emphakathini waKwaZulu-Natal naseNingizimu Afrika namaphethelo."
UNdunankulu uthe njengelungu leMithente, uDumisile ubehlale esemicimbini ebiyenzeka kulesi sifundazwe. Uthe ngenxa yokuthanda izwe, Imithemte beyinandisa kweminye imicimbi ngaphandle kwenkokhelo, iqhakambisa kakhulu ukuzibophezela kubantu bakulesi sifundazwe.
"Ngesikhathi ngiseyiMeya yaseKing Cetshwayo District Municipality, ngaba nethuba lokusebenza eduze noKaManana Mthalane neqembu lakhe. Umculo wabo bewungajabulisi kuphela, bewumandla ekugqugquzeleleni ubumbano, inkululeko noxolo."
Uthe uDumisile neMithente bangamavulandlela abafike baqeda ngokukhonya kwabaculi besilisa bodwa kumaskandi. Eqhuba uthe isibindi sabo yiso esagqugquzela nabanye abaculi besifazane ukuba bangene kumaskandi.
"Ngigcine ukumbona uKaManana Mthalane enandisa neqembu lakhe ngesikhathi somgubho woSuku lwamaLungelo aBantu e-Olive Convention Centre, eThekwini. Bahlaba umxhwele izithameli ngenxa yomfutho ababewukhombisa esteji. Egameni likahulumeni wesifundazwe, ngidlulisa amazwi enduduzo ebantwaneni bakhe abane nakubazukulu abayisikhombisa kanye nakozakwabo kwiMithente. Ukuhamba kwakhe emhlabeni kugqeme isifundazwe, isizwe sethu nendima yomculo, udume lwengozi."
Esephetha uNtuli uthe uDumisile ushone ngoSuku lweNkululeko abelugubha ngomculo kwazise ubeyisishoshovu ebesilwa nodlame lubulili.