EMUVA kweminyaka enandisa emigwaqweni yaseThekwini futhi umculo wakhe ungadlalwa emisakazweni, uThandeka Hadebe, usegila izimanga kumaskandi.
Uqophe umlando ngokuba wumculi wokuqala wesifazane kumaskandi ukuba ne-albhamu eshisa izikhotha kwiYouTube nakwiSpotify.
Kwi-albhamu esihloko sithi Wangishela Wazi, kunengoma esihloko sithi Wozani esilalelwe amahlandla angaphezu kuka-3.2 million kwiYouTube, kanti kwiSpotify asengaphezu kuka-2 million. Neyisihloko se-albhamu seyilalelwe amahlandla angaphezu kuka-1.5 million kwiYouTube ekubeni inezinyanga eziyisishiyagalolunye iphumile.
UThandeka uthe le mpumelelo isho lukhulu kuyena ngoba iqhamuke ngesikhathi ebeseqala ukulahlekelwa yithemba, "ngithi ngeke kusakhanya."
UThandeka akavelele kuphela ezingomeni zakhe kodwa napikwe kuzo ngabanye abaculi zishisa izikhotha.
"Izingoma engipikwe kuzo zisebenza kakhulu. Angifuni ukuqamba amanga. Uma ngingenile kuyo, kukancane ingasebenzi leyo ngoma. Abantu basalikhombisa kakhulu uthando kimi."
Uthe kubabaculi asebeke bampika wafike wagila izimanga ezingomeni zabo, ngoSphithiphithi, Fihlisikhwele, Ithwasa Lekhansela, Mudemude, Mxhashazwa, Jumbo nabanye.
Eminyakeni eyedlule, uThandeka uke waqokwa eminxeni emibili kuma-Independent National Gospel Music Awards (Ingoma).
Le ntokazi yaseHlokozi, eHighflats, yayiqokwe emkhakheni weBest Gospel Maskandi nakoweBest Promotion nge-albhamu yakhe ethi Anginavalo (Inkom' Ingazal' Umuntu).
Uthe wajabula kakhulu ngoba kwakungokokuqala eqokwa emqhudelwaneni wezindondo selokhu angena emculweni ngo-2009.
"Kade ngangizama kodwa kungalungi. Ngiqale emculweni ngiphelezela abanye abaculi ngephimbo. Ngo-2015, ngabe sengenza eyami i-albhamu ethi Bayeke Bahleke. Ngo-2019, ngibe sengilandelisa ngethi Anginavalo."
UThandeka uyingane yesibili ebantwaneni abane bakaBonangani uMaXulu noThulebona Radebe. Waphothula u-matric eMkhumbi High ngo-2012, ngaphambi kokufundela ubuntatheli eDurban University of Technology (DUT).