KUZOQALWA uphenyo oluzohlanganisa izinhlangano ezehlukene ngokukhishwa phambili ecaleni lokudlwengula kukaMfundisi Timothy Omotoso.
IKhomishini egqugquzela ukuvikelwa kwamalungelo, amasiko, ezenkolo, ikhomishini yezokulingana ngokobulili, kanjalo neSouth African Human Rights Commission, bazoqala lolu phenyo maduzane, ngemuva kokudedelwa kwalo mfundisi obesetoke isikhathi eside kuqulwa leli cala.
Lezi zinhlangano zikhala ngendlela okusingathwa ngayo amacala athinta ukuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli.
"Yingakho sizoqala uphenyo, lapho sizobizela esigcawini izinhlaka ezehlukene zizophendula ngokwenzekile. Sifuna kuphenywe lonke uhlelo olulandeliwe, bese sikhipha iziphakamiso," kusho usihlalo wekhomishini yokuvikelwa kwamalungelo, uNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva, efunda isitatimende esihlanganyelwe salezi zinhlangano.
Uthe bakhathazekile ngokwanda kwamacala okuhlunyezwa kwabesifazane kuleli.
Ukhale nangendlela okwabulawa ngayo omunye wofakazi ecaleni lika-Omotoso.
"Sikhathazekile nangobungozi obubhekene nofakazi woMbuso uNksz Cheryl Zondi. Leli cala liphinde lamfaka ingcindezi njengoba engabutholanga ubulungiswa."
Uthe indlela iNPA esingathe ngayo icala, izodikibalisa izisulu ezidlwenguliwe ngomuso.
"Leli cala liveze igebe elikhona kwezomthetho. Uma lingavalwa lizokwenza kube nzima ukubhekana namacala afuze lawa."
ISAHRC ithe kumele kusheshiswe kulungiswe indaba yezikhungo zokuhlola ulibofuzo kuleli.