UMLINGISI obelingisa noDon Mlangeni "Sugar" Nawa kwiThe Estate, uClementine Mosimane, udalule ukuthi umufi uqale ukuhlatshwa ukugula ngesikhathi besalingisa ndawonye kwi-The Estate kuSABC 3 ngo-2021.
Uthe wathi uma eqaphela ukuthi ubambekile ngenxa yokuthi wayelokhu encipha emzimbeni, wamqonda wamcela ukuba bathandaze.
UClementine uthe nakuba ayengaphathekile kahle kodwa ubezimisela emsebenzini wakhe.
UClementine ubekhuluma enkonzweni yesikhumbuzo sikaDon ebiseSoweto Theatre, izolo ntambama.
Nomlingisi weMy Brother's Keeper, uSdumo Mtshali, uthe waqala ukubona ukuthi uDon uyagula ngesikhathi bedlala kwiThe Estate.
U-Asavela Mngqithi ukhihle isililo ngoba ethi ngaphambi kokuba ashone uDon, wamthumelela umyalezo owawuqukethe izeluleko.
Uthe umbonile edonsa kanzima ngenxa yokugula nokungasebenzi.
Umlingisi owayenguKea kwiThe Queen, uDineo Langa, uthe ukube umufi uDon Mlangeni "Sugar" Nawa ubehlala e-USA, ngabe wayedlana imilala nengwazi enjengoDenzil Washington.
UDineo uyena obephethe uhlelo lwale nkonzo.
Uthe izinga abekulo kulo mkhakha belimenza alingane nezingwazi ezidume umhlaba wonke.
Abalingisi abaningi abanjengoTshepo Maseko, Sdumo Mtshali, Ayanda Mlangeni noMofatse Mafatshe, bafunde lukhulu ngokusebenza noDon. UMofatse uthe ubehlale ebabuza ukuthi kungani abalingisi besaxhashazwa kuleli ekubeni bona sebefundile?
Ingwazi yodumo kuKwakhala Nyonini nakwiFa LakwaMthethwa, uMagic "Madlanduna" Hlatshwayo uveze elinye ikhono ebelingaziwa ngaye, lokushumayela.
Kuchazeke abantu abaningi enxusa umka mufi ukuba afunde incwadi kaJohani 16 vesi 33, efundeka kanje "Lokhu ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi.
Ezweni niyakuba lusizi kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe." UMagic, vele ongumshumayeli ebandleni lamaWeseli, uthe kufanele umndeni ufunde leli vesi, ikakhulukazi uma ukhumbula uDon noma ubona sengathi uyagcaluza endlini.
UMagic uchaze umufi njengomuntu obegangile futhi ekhonze ukugcona abantu. Abanye ebebehambele le nkonzo nguNdunankulu waseGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, nezinye izikhulu zikahulumeni.
UDon (66) udlule emhlabeni ngo-Ephreli 6. Ushiye emhlabeni umkakhe nezingane ezinhlanu. Uzofihlwa kusasa emuva kwenkonzo ezoba se-Alberton Civic Centre, eGoli, kusukela ngo-8 ekuseni.