UNCOME indlela iqembu lakhe elingalilahlanga ngalo ithemba ngesikhathi likhipha i-Al Ahly kowandulela owamanqamu weCaf Champions League ngoLwesihlanu ebusuku umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso.
Lo mdlalo obuseCairo International Stadium e-Egypt uqale womabili amaqembu enethemba lokudlula ngenxa yokuthi umlenze wokuqala waphela zibambene ngo 0-0 ePitoli.
Kuyiwe ekhefini i-Ahly ihamba phambili ngegoli likaTaher Mohamed kodwa amaBrazilian athole elokulinganisa sekusele amanenjana umdlalo uphele ngebhola lika-Iqraaam Rayners elishayise esitobheni se-Ahly, uYasser Ibrahim.
Angene kowamanqamu ngenxa yokuthi leli goli liphindwe kabili ngemva kokuthi umdlalo uphele zibambene.
“Into eyenze sinqobe namuhla yithemba. Yilokho ebengikucele kubadlali bami, ukuthi bangalilahli ithemba,” kusho uCardoso ecashunwa yiSABC Sport esithangamini nabezindaba eCairo.
“Ukuthembana phakathi kwabaqeqeshi nabadlali nokukholelwa kwesikwenzayo, ngisho nalapho sithatha izinqumo ezinzima, yikhona okwenze saphumelela. Ngicabanga nokuthi nethemba labalandeli bethu ekhaya nalo libe nomthelela futhi ngiyethemba ukuthi bajabule kanye nathi.”
Lo mdlalo ubusho lukhulu nakuCardoso kwazise wanqotshwa yi-Ahly, nomqeqeshi wayo uMarcel Koller, ngo 1-0 kowamanqamu alo mqhudelwano ngesizini edlule ngesikhathi esaqeqesha iqembu laseTunisia, i-Esperance.
Kulokhu ukhiphe iqembu lakhe lakudala kuma-quarterfinal ngaphambi kokuwashisa i-Ahly ijezi kowandulela owamanqamu.
“Sekuphele cishe izinyanga ezinhlanu ngingayi ekhaya, ngingamboni umkami nendodana yami. Kunzima ukuba umqeqeshi kuleli zinga, ukuthembana nothando olukhona phakathi kwethu eqenjini kwenza kube ngcono,” uqhube kanje lo mqeqeshi odabuka ePortugal.
ISundowns isizobhekana nePyramids FC yase-Egypt kowamanqamu ngemva kokuthi leli qembu linqobe i-Orlando Pirates ngo 3-2 eCairo ngoLwesihlanu ebusuku.