UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, utuse abadlali bakhe ngendlela abalwe ngayo yize behlulwe yiPyramids FC yase-Egypt ngo 3-2 emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weCAF Champions League eCairo.
Umlenze wokuqala owawuseGoli waphela zibambene ngo 0-0.
UFiston Mayele ushayele iPyramids amagoli amabili, elinye lavalelwa nguRamadan Sobhi. AwePirates ashaywe nguRelebohile Mofokeng noMahau Nkota.
Ukunqoba ekhaya kubeke iPyramids kowamanqamu ngenxa yokuthi umlenze wokuqala owawuseFNB Stadium waphela ngo 0-0.
"Sidlale umdlalo omuhle, sahamba phambili kabili kodwa asikwazanga ukudlulela phambili, ibhola linjalo,” kusho uRiveiro ecashunwa yi-website i-TWASLNews.
“Sizosebenza ukuze silungise amaphutha ethu. Bekungokokuqala iqembu lihlulwa kulo mqhudelwano kule sizini kodwa lokho kuholele ekutheni siphume kowandulela owamanqamu.”
URiveiro uphinde wahalalisela iPyramids eyasungulwa ngo-2008 kodwa esikwazile ukubalwa namaqembu ahamba phambili kwizwekazi i-Afrika.
"Ngifuna ukuhalalisela iPyramids ngokudlulela kowamanqamu. Bayiqembu eliqinile elinabadlali abavelele kuzo zonke izindawo zenkundla," usho kanje.
Lo mqeqeshi waseSpain, ozoshiya iPirates ekupheleni kwesizini, uzwakalise ukuziqhenya ngeqembu lakhe nethemba lokuthi abadlali abasebancane basazogqama eminyakeni ezayo ngisho engasekho.
“Ngiyaziqhenya ngabadlali yize sinqotshiwe. I-Orlando Pirates inabadlali abasebancane, abasazoba ngcono eminyakeni ezayo. Kusukela esigabeni samaqoqo bengilokhu ngisho ukuthi sidlalela ukuthola isipiliyoni,” ubeke kanje uRiveiro.
IPirates isizogxila emidlalweni yasekhaya lapho ibanga khona isicoco seBetway premiership neMamelodi Sundowns kanti futhi izobhekana neKaizer Chiefs kowamanqamu weNedbank Cup ngoMeyi 10.
EzikaMagebhula sezinayo indebe emgodleni kule sizini njengoba zanqoba iStellenbosch FC kowamanqamu we-MTN 8 ngasekuqaleni kwesizini.