ISIHLOKO: Boss Zonke Forever
UMREPHA: Riky Rick
UHLOBO: Hip Hop/Rap
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
UKUDEDELWA kwe-albhamu yomrepha ongasekho, uRikhado "Riky Rick" Makhado, ngoLwesihlanu olwedlule, kulethe injabulo ehambisana nomunyu.
Leli yicwecwe liphume selibhekwe ngamehlo abomvu ngabathandi bomculo, ikakhulukazi be-hip hop. Kuzokhunjulwa ukuthi leli ciko elidabuka KwaMashu, kodwa elakhulela eMlaza, lazibulala selineminyaka engu-34 ngoFebhuwari 23, 2022.
Leli cwecwe liphume emuva kokuphela kweminyaka elishumi uRiky Rick akhipha i-albhamu yakhe yokuqala esihloko sithi Family Values ngo-Ephreli 3, 2015.
Kwababoshelwe kule albhamu enezingoma ezingu-17, kubalwa uFocalistic, Cassper Nyovest, Blxckie, Lusanda, 25K, K.Keed, Blue Pappi, Lowfeye, Dee Koala, Gemini Major, Lwah Ndlunkulu, Baby S.O.N, Lawd Weezy, Lloyiso, Aubrey Qwana, Lucille Slade, Nia Pearl, Elaine, Kelvin Momo, Zadok, Mas Musiq, Tyler ICU noYoung Stunna.
Njengoba laba baculi ababalwe ngasenhla benza izinhlobo ezihlukahlukene zomculo, lokho kusidweba sigqame isithombe sokuthi uzozwa izigqi ezahlukene.
Yize kukhonya i-hip hop kodwa kukhona amapiano, R&B, Afro Soul nezinye. Engomeni ethi Ndiyabulela, uyezwa ukuthi uRiky Rick uyisusele kweyeFreshlyground ethi Nomvula.
Ethi Higher Power iyadabukisa ngoba uRiky Rick uveza ubuhlungu bokukhulela emzini okuhlale kunengxabano phakathi kukababa nomama. Uveza nokuthi kuyenzeka umuntu aphumelele ngenxa yamandla athize awatholayo.
Eziningi ziyakuveza ukuthi wayesebonisiwe ngokuhamba kwakhe emhlabeni. Okunye engikuphawulile ukuthi ubenekhono lokucula, hhayi ukusebenzisa i-autotune.
Ezinye izingoma ezizokuchaza ngezithi Raindrops, Cishe Ngaposta, Eish, Usangikhumbula, Calling Me Back, The Chant, Owami nethi Never Let Me Down.
Engingakusho nje ukuthi lo mrepha wasishiya emhlabeni eyibekile induku ebandla ngale albhamu ewunqambothi.