KUYALELWE izitshudeni zasemakolishi amakhono amaTVET ezifakelwe ngephutha imali obekumele iye komastende, ukuthi ziyidlulisele kubona ngokushesha ngoba uma zehluleka ukwenza lokhu, zizokhishwa la zihlala khona.
Lo myalelo ukhishwe yisikhwama esixhasa ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme iNational Students' Financial Aid Scheme (NSFAS), emva kokuba ezinye izitshudeni zingenelwe yimali ethe xaxa kuma-akhawunti azo obekuhloswe ukuthi kukhokhelwe ngayo omastende.
Umyalezo othunyelwele izitshudeni yiNSFAS, uveze ukuthi lezi zitshudeni zikhokhelwe u-R13 800, ngo-Ephreli 4, u-R10 800 wale mali owezindawo zokuhlala.
Umyalezo uthe uhlu lwezitshudeni ezikhokhelwe le mali kungafanele seludluliselwe ezikhungweni zabo kanti azikhokhe ngokushesha le mali, zihambise nobufakazi bokuthi zikhokhile ehhovisi lezezimali ezikhungweni.
Lesi sikhwama sithe uma kungukuthi ziyahluleka ukukhokha zingazibona sezilala endle noma zibanjelwe le mali emalini okumele ingene ngokuzayo.
Ebuzwa ngaleli phutha izolo, ohlelweni iWeek Ahead kwiSABC, okhulumela iNSFAS uMnuz Ishmael Mnisi, uthe le mali bekumele iye komastende kodwa yagcina ingene kuma-akhawunti ezitshudeni.
Uthe emaTVET izitshudeni zikhokhelwe kuma-akhawunti azo, kodwa omastende bakhokhelwa yiNSFAS ngqo.
"Okwenzekile ngukuthi ulwazi lokubhalisa luphuzile ukufika kwiNSFAS, safaka imali kuma-akhawunti ezitshudeni. Yingakho siziyalele ukuthi zikhokhele omastende le mali ukuze zingakhishwa la zihlala khona ngoba le enye ingxenye yemali bekumele ikhokhele izindawo zokuhlala," usho kanje.
Ezinye izitshudeni ekhasini likaFacebook leNSFAS, zikhala ngokuthi azisakwazi ukubuyisela emuva imali ngoba ziyisebenzisile. Zithe akulona iphutha lazo ukuthi kuthiwe zizokhishwa la zihlala khona ngenxa yokuthi kufakwe imali kodwa iphutha eleNSFAS.
Khonamanjalo: UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, uDkt Nobuhle Nkabane, unxuse izitshudeni ukuthi zikhethe imikhakha eshodayo kuleli.
Ekhuluma emcimbini obuhlelwe ngokubambisana noMnyango wezokuVikela obucebisa abafundi ngemikhakha abangayenza, eFree State, ngoLwesihlanu, ubagqugquzele ukuthi benze kahle, baphase ama-Bachelor.
"Ibalelwa ku-3 million intsha engafundi nengasebenzi kuleli. Yingakho kubalulekile ukuthi ningabalwa kulesi sibalo ngomuso, kodwa nifunde niphinde nikhethe imikhakha ehlukile," usho kanje.