UKUCHAZWA ngabasakazi ababili boKhozi FM, uSelby "Selbyonce" Mkhize noKhathide "Tshath' ugodo" Ngobe bohlelo lwantambama phakathi nezinsuku avame ukululalela uma ebuya esikoleni, kufake inhlansi yothando lokusakaza kumfundi ka-matric wakwesinye sezikole zaKwaNongoma, enyakatho yeKwaZulu-Natal.
Umfikele lapho umcabango wokwenza ama-video awafaka ezinkundleni zokuxhumana uPhilasibonge Jele, ofunda ePrince KwaDomba High, khona KwaNongoma.
Usedume ngelikaReal PK Mangenah Msakazi, ekhasini lakhe lakhe kuFacebook nakuTikTok, lapho efaka khona ama-video akhe esakaza khona, kwamanye elingisela abasakazi abathandayo.
Elandisa Isolezwe ngothando lwakhe lokusakaza, uPhilasibonge (19), uthe uqale ukunaka indaba yomsakazo esefunda uGrade 10, ehlatshwa umxhwele woSelby noTshatha ohlelweni lwabo lwantambama iWoza Nabangani Bakho, wafisa ukuhamba ezinyathelweni zabo.
"Ngiqale lapho ngenza i-video yami yokuqala ngisakaza, ngayifaka ezinkundleni zokuxhumana, abantu bayithanda kakhulu njengoba manje leyo video isibukwe ngabantu abangaphezu kuka-1.3 million. Kanti yiyo futhi eyadoba iso nendlebe yomphathi weNongoma FM, wangimema ukuba ngizosakaza ngamaholidi kaDisemba nyakenye. Balincoma kakhulu ikhono lami, okwenze ngakhuthala kwengikwenzayo futhi kwatshala ithemba lokuthi ngizoya kude," kusho uPhilasibonge.
Eqhuba uthe konke lokhu okwenzeka manje nalolu dumo alutholayo unethemba lokuthi kuyomvulela iminyango evaliwe, alithole ithuba lokuzibonakalisa emisakazweni ehlukene, agcine efike nasoKhozini imbala.
"Nokho ngiyazi futhi ukuthi kwesinye isikhathi akubi lula ukusheshe ufike emisakazweni emikhulu, ngakho ngikulungele ukuqala kweyomphakathi ngize ngifike ezingeni labasakazi engibathandayo oSelby, uTshatha noPenny Ntuli weJozi FM."
Uthe ngaphandle kokusakaza, uma useqede u-matric ufisa ukuqhuba izifundo zakhe ezikhugweni zemfundo ephakeme.
"Ngifisa nokungena emkhakheni wokulingisa."
Ku-Facebook unabalandeli abangaphezu kuka-8 000 nabangaphezu kuka-29 000 kuTikTok.