IKWAZULU-NATAL izihambela yodwa emacikweni adlana imilala emqhudelwaneni odabuka e-USA, i-Urban Music Awards SA, ezoba seHeartfelt Arena ePitoli ngoMeyi 4.
Emacikweni amele elikaMthaniya kuma-Urban Music Awards kubalwa uLwah Ndlunkulu, Sjava, Naledi Aphiwe, Dlala Thukzin, Mthunzi, Woodblock DJs, Nkosazana Daughter, Ntokozo Mbambo, Nqubeko Mbatha, Ayanda Ntanzi, Black Coffee, Culoe De Song, Khaya Mthethwa, Usimamane,Brenda Mntambo, DJ Zinhle, Dumi Mkokstad, Joyous Celebration, Ukhozi FM neGagasi FM.
Okuqaphelekile kulo mqhudelwano wukuthi uNtokozo Mbambo uqhathwe nomyeni wakhe uNqubeko Mbatha, kwathi uNaledi Aphiwe naye waqhathwa nesoka lakhe uMawelele. Akugcinanga lapho ngoba uBenjamin Dube uqhathwe namadodana akhe, iDube Brothers neSpirit of Praise kwathi iJoyous yaqhathwa nabaculi eyabavumbulula oNtokozo, Nqubeko noMahalia Buchanan.
Umsakazi woKhozi FM, uKhathide "Tshatha" Ngobe unyelwe yinyoni esandleni njengoba izinhlelo azethulayo iWoza Nabangani Bakho nolweTV iSishay' Ingoma kuMzansi Magic Music, ziqokwe eminxeni ehlukahlukene. UTshatha uthe yize ethukile ngesikhathi ezwa ngakuqokwa kwezinhlelo akuzo kodwa kumjabulisile ukwazi ukuthi kunabantu abayiqaphelayo into abayenzayo. Ube esenxusa abantu bakuleli ukuba babavotele.
IWoza Nabangani Bakho, ayethula noSelbeyonce Mkhize noNco Dube, iqokwe emunxeni weBest Radio Show futhi idlana imilala neRoger Goode Show kwi-5 FM, 5 Hip Hop Nights kwi-5 FM, The Midday Link yeMetro FM, The Big Breakfast Show yoDJ Sbu, The Kaya Countdown, The Esikhaleni Party kaDJ Cleo kuRadio 2000, 947 Drive with Thando Thabethe,The Touchdown yeMetro FM, Home Run with Ayanda MVP, The Great Drive with Kyeezi yeGood Hope FM. KwiBest Music TV, uhlelo uTshatha alwethula noNtombee Mzolo, luqhathwe ne-Inside Life (MTV Base), Massive Music (Channel O), Channel Top 30, JR's Feel Good Live Sessions (SABC 1), Gospel Unplugged (SABC 1), Connect (SABC 1) neLunch Time Vibes (SABC 1). UKhozi FM luqhathwe kwiBest Radio Station neMetro FM, 5 FM, YFM, Gagasi FM, Kaya959, Capricorn FM, Power FM, Good Hope FM neJozi FM.