UKHALA ezimathonsi umqeqeshi weqembu lesizwe labesilisa lika-Under-20, uRaymond Mdaka, ngokuhoxa komunye wabadlali abethembele kubona njengoba kuzoqala i-Africa Cup of Nations ka-Under-20, isitobha se-Orlando Pirates, uMbekezeli Mbokazi.
Lo mdlali (19) ubefakiwe esikwatini sokugcina esikhishwe yilo mqeqeshi kodwa ngeke akwazi ukuba yingxenye yalo mqhudelwano ozoqala ngempelasonto e-Egypt ngenxa yokuthi iqembu lakhe liyamdinga emidlalweni ezayo.
Selokhu adlala okokuqala eqenjini elikhulu leZimnyama, esuka kweleDStv Diski Challenge, usengomunye wabadlali abamqoka kumqeqeshi uJose Riveiro, njengoba eyibamba maphakathi emuva noNkosinathi Sibisi.
EzikaMagebhula zizobhekana nePyramids FC emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu weCaf Champions League ngoLwesihlanu ebusuku, lapho zizobe zibheke ukuthola khona umphumela ozozifaka kowamanqamu.
Umlenze wokuqala obuseFNB Stadium ngempelasonto edlule uphele la maqembu ebambene ngo 0-0.
UMdaka uphinde waveza ukuthi isitobha seMamelodi Sundowns, u-Asekho Tiwani, sizohlangana neqembu e-Egypt njengoba amaBrazilian nawo ezodlala umlenze wesibili ne-Al Ahly kuleli lizwe ngoLwesihlanu ntambama.
"UMbekezeli Mbokazi ungomunye wabadlali abamqoka futhi saqala naye zonke izinhlelo. Besicabanga ukuthi sizoba naye kodwa ngeshwa ngeke kusenzeka lokho,” kusho uMdaka etshela ithimba leSafa lezindaba.
“Mayelana no-Asekho Tiwani ongukaputeni,sixoxile neMamelodi Sundowns savumelana ngokuthi uzosala e-Egypt.
"SinoNeo Rapoo futhi, siyaxoxisana namaqembu ukuze sibone ukuthi singasizana kanjani. ISuperSport izodlala umdlalo obalulekile. Siyayiqonda indawo ekuyona kwi-log ngakho simvumele ukuthi adlale kule mpelasonto bese eyasijoyina e-Egypt."
Ngaphandle kweChampions League, iPirates iphinde ibe sembangweni oshubile wesicoco seBetway Premiership neMamelodi Sundowns.
Kulesi sikhathi okuzobe kudlalwa ngaso i-Afcon ka-Under 20, ezoqala ngeSonto iphele ngoMeyi 17, ezikaMagebhula kuhlelwe ukuthi zidlale eyeligi neSekhukhune United, Kaizer Chiefs, Lamontville Golden Arrows neTS Galaxy, kanjalo nowamanqamu weNedbank Cup neChiefs ngoMeyi 10.
Leli qembu lase-Orlando linenqwaba yabadlali basemuva abangakulungele ukudlala ngenxa yokulimala abafana no-Olisa Ndah, Thabiso Sesane, Thabiso Lebitso noThabiso Monyane.
Amajita azoqala i-Afcon kuGroup A lapho eqhathwe khona nosokhaya i-Egypt, Zambia, Sierra Leone neTanzania. Azovula ne-Egypt ngeSonto ngo-8 ebusuku.