UPHITHENE amakhanda umndeni waKwaDenge, KwaNongoma, kutholwa isidumbu selungu lawo lizolo ekuseni, sinqunywe nentamo, silaxazwe ngakubo.
Kuthiwa isidumbu sikaMnuz Lulama Ntshangase (27), obenza iziqu zePostgraduate Certificate in Education (PGCE) e-Unisa, sitholwe abebezidlulela.
Ngokusho kukadadewabo, uNkk Nontobeko Khumalo, umufi utholwe ngabantu bendawo, isidumbu siphoswe emseleni osendleleni eya kubo.
"La etholwe khona kuseduze kakhulu nasekhaya,” kusho uNkk Khumalo.
Uthe basola ukuthi ubulawe ngabantu abamaziyo njengoba ijakhethi namabhuzu abewagqokile, abephoswe ngaphakathi kubo.
Uthe ngokusho kukanina, obehlala nomufi, umgcine ngabo-7 ebusuku ngeSonto, waveza ukuthi umufi ubenendlu yakhe engaphandle.
“Uma sibuka, uphume engumuntu obuyayo ngoba i-laptop yakhe itholwe ivuliwe, kade idlala umculo. Amaselula akhe wonke abekhona endlini yakhe,” kuchaza uNkk Khumalo.
Uthe isigameko sibehle ngaphezulu njengoba umufi bengamazeli zitha endaweni.
“Kukhona amachaphazelo egazi abechaphake kusuka endaweni ethile, amaphoyisa asaphenya ke ngalokhu. Sisalinde asitshele ukuthi atholani,” kulandisa uNkk Khumalo.
Uthe sibashaqile isigameko, sabashiya nemibuzo eminingi.
Ikhansela le ndawo, uMnuz Phiwa Mpanza, lithe umphakathi uveze ukuthi umufi ubekade ehleli nabangani namantombazane kujatshulwa komunye umuzi oseduzane.
“Akucaci ke ukuthi usuke nini kuwona njengoba esetholwa ebulewe nje,” kusho uMpanza.
UMpanza uthe ngesikhathi Isolezwe limthinta, umphakathi ububuthene kuwo lo muzi, ulinde ukuzwa ukuthi amaphoyisa aphuma naluphi ulwazi.
Uthe umphakathi usuqala ukungahlaliseki kahle futhi usuyahluthuka ngezigameko zokubulawa kwabantu ngesihluku esicishe sifane.
“Cishe yisigameko sesine lesi kubulawa abantu ngesihluku esinyantisa igazi. Kuke kwabulawa imantshi nje, ngoDisemba kubulawe owesifazane oqalwe ngokudlwengulwa,” kusho uMpanza.
Uthe ngaphambi kwalokho, kukhona nowesilisa owayehlala yedwa, owahlaselwa kwakhe, wabulawa ngokunqunywa.
“Okubi ukuthi zilokhu zenzeka lezi zigameko kodwa abasolwa abatholwa,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aKwaNongoma aphenya icala lokubulala kulandela isigameko sokubulawa kowesilisa, KwaDenge, KwaNongoma, izolo.
“Umufi utholwe elele exhaphozini le gazi, enqunywe intamo. Utholwe njengoseshonile endaweni yesigameko,” kusho uNetshiunda.
Uthe umufi ubegcine ukubonwa ephila ngeSonto, wathi imbangela yokubulawa ayikaziwa, abasolwa basafunwa.