USUPHINDE waqala phansi umsindo wokuthi aluvalwe uhlelo Isencane Lengane, olukhombisa impilo ephilwa abashadile abasebancane uSiyacela Dlamuka nonkosikazi wakhe uThando.
Umsuka walolu hlelo waqala kuvela ukuthi kukhona umfana oneminyaka engu-16 olobola intombazane engangaye.
Umsindo waqala lapho njengoba kwakusolwa abazali babo ngokuthi babavumele ukuthi bathathe isinqumo esifana nalesi futhi babeseke ezintweni ezithinta ilobolo nokubenzela umshado.
Ekuqhubekeni kohlelo, uSiyacela kwagqama ukuthi uyamhlukumeza uThando futhi lokhu kwasusa umsindo kukhalisa abantu ababuka uhlelo.
Izindaba ezavela zokuthi uyamshaya yizona ezenza abantu banxusa isiteshi iMoja Love, ukuthi siqede ngalolu hlelo ngoba lugqugquzela ukuvezwa kodlame.
Kodwa iMoja Love yakushaya indiva lokhu ngenxa yokubukwa kwalo okuyenzela inzuzo eningi.
Yize sekukaningi kuvela izindaba zokuthi luvalwe ngenxa yenhlamba egcwele khona, kodwa akukho sinyathelo abasithathayo.
Isiqephu esikhonjiswe ngeSonto senze abantu bathi lolu daba kungcono lubikwe kwiBCCSA, okuyikhomishini ebhekele ukugcinwa kwemithetho nemigomo yezokusakaza kuleli, njengoba kuvele uSiyacela ephethe imvubu esabisa ngokushaya uThando, phambi kwamalungu omndeni wakhe.
Ingxabano yabo isuswe wukuthi uSiyacela utshele uThando ukuthi usenentombi azimisele ukuyithatha ibe unkosikazi wakhe wesibili.
UThando lokhu akumphathanga kahle njengoba evezile ohlelweni ukuthi uSiyacela umtshele lezi zindaba ngokwedelela.
Ingxabano enkulu kulaba iqale uThando eseyotshela omama bakwaDlamuka ukuthi useyashiya emshadweni, okuyilapho uSiyacela eqhamuke ephethe imvubu evutha ehi akangaliphathi igama lakhe.
Ukubonakala kukaThando ekhala yikho okususe izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana.
U-@ludu_blaq uthe:“Ake siyivubele BCCSA awenze okulungeile lolu hlelo Isencane Lengane sekwenzwe okuningi. Sekulungile manje, aluvalwe lolu hlelo”.
U-@Jabu_Macdonald uthe:“#IsencaneLengane okokugcina ngibuka lolu hlelo. Ngizisola mina ngokuqhubeka ngilubuke njengoba uThando elokhu eqhubeka nokuhlukunyezwa kwithelevishini. Lokhu akubona ubumnandi kodwa yinto embi. Okwamanje ngizohlalela ethembeni lokuthi uThando uyowushiya lo mshado”.
U-@ManchiTumi uthe:“#IsencaneLengane @MojaLoveTV yini le? Moja Love vala lolu hlelo, owesifazane uyakhala ufuna usizo kwithelevishini, thina sihleli njengesizwe sibuka isiteshi senza imali ngokuhlukumezeka komunye, aluqedwe lolu hlelo”.