ISHAYA amakhala iMantshi yaseNkantolo yaseNtuzuma ngodaba lowesifazane okuthiwa udlwengulwe ngowesilisa abehlala naye, kwaze kwaba kathathu.
Owesilisa elingeke lidalulwe okwamanje igama lakhe ubevele kule nkantolo ezocela ibheyili, ngoLwesihlanu.
Ubekwe wuMbuso icala lokudlwengula owesifazane ayehlala naye eNanda izikhawu ezintathu.
Beyigcwele iphuphuma inkantolo ngesikhathi kuqhubeka isicelo sebheyili.
Imantshi elingatholakalanga igama layo ikhwele yadilika kowesifazane imbuza ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi adlwengulwe ngumuntu oyedwa izikhawu eziningi kangaka bese ekhetha ukuvula icala sekuyisikhawu sokugcina?
''Angisho ukuthi ngithini kodwa ngiyazibuza nje ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi uthule udlwengulwa okokuqala. Baphinde bakuphinde futhi uphinde uthule futhi. Bakuphinde futhi uphinde uthule?" kubuza imantshi.
Ithe kukhona okushaya amanzi kulolu daba. Kuvelile ukuthi owesifazane wayehlala nalo wesilisa okuthiwa ungomunye wabaholi emphakathini kodwa akucaci kahle ukuthi uhola kanjani.
Kodwa okuvelile wukuthi owesilisa wayethembise owesifazane ukuthi uzokwakhelwa indlu futhi atholelwe nomsebenzi.
Yize babehlala ndawonye kodwa kuhlalukile ukuthi babehlala emagumbini angafani.
''Njengoba nanihlala emagumbini ahlukene, wena wathula engqongqoza okokuqala efika elala nawe. Wabuya futhi ngakusasa wangqongqoza nakhona futhi wawuvula umnyango. Uwuvula kanjani umnynago uvulela umuntu okudlwengulile ngayizolo?'' kubuza imantshi ize inikine ikhanda.
Ithe yona ibona sengathi uMbuso unecala elintekenteke kakhulu alingeke lifinyelele ndawo.
Noma kunjalo ixwayise ngokuthi le nkantolo ilalela izicelo zamabheyili kuphela, yaveza ukuthi ukudedelwa kwalo mlisa ngebheyili akuchazi ukuthi uma seliqulwa icala inkantolo iyophinde imthole emsulwa.
''Ngiyakunikeza ibheyili ngaphansi kwemibandela ehlukene okumele uyigcine. Omunye wawo wukuthi njalo ngoLwesihlanu kumele uyosayina esiteshini sangakini,'' kuqhuba imantshi.
Kuvelile ukuthi owesifazane uthe wayethule edlwengulwa kuphindelelwa ngoba wayengafuni ukuphenduka umantuntanendishi aswele indawo yokuhlala.
Baphume bedangele abantu abaningi ebebezokweseka isisulu. Naso isisulu ngesikhathi kukhuluma imantshi bese sibonakala sibheke phansi kubonakala ukuthi asikukholwa esikuzwayo .