KULINDELEKE ukuba kube nenqwaba yezinkonzo zokukhumbula umholi webandla lamaRoma aKhatholika, uPope Francis (88), eNingizimu Afrika njengoba ukushona kwakhe kunyakazise abaningi kule lizwe.
Izolo abaholi bebandla eNingizimu Afrika, bathe basematasa nokuhlela izinkonzo zokukhumbula uFrancis abathe zizoba khona izwe lonke.
Ibandla lamaRoma aKhatholika kubhekwe ukuthi lizilele uFrancis izinsuku eziyisishiyagalolunye, kanti umngcwabo kufanele ukuba ube sesikhathini esiphakathi kwezinsuku ezine neziyisithupha.
Umngcwabo wakhe kulindeleke ukuthi wehluke kunojwayelekile wabaholi bebandla njengoba uFrancis ubenza izinto ngendlela ehlukile kulabo ababengaphambi kwakhe.
UFrancis udlule emhlabeni izolo ekuseni kulandela ukuxinwa wukugula isikhathi eside.
Ngokusho kwekomkhulu lamaRoma aKhatholika, iVatican, uFrancis ushonele lapho abehlala khona, eCasa Santa Marta, e-Italy.
Ushona nje ngeSonto, ubonakale eSaint Peter's Basilica, lapho efisele khona izinkulungwane zamakholwa okuhle kodwa njengoba bekuwusuku lokuvuka kukaJesu.
Ubesanda kukhishwa esibhedlela lapho ebese ehlale khona isikhathi eside ngenxa yenkinga yokuphefumula.
Abagcotshwa baseNingizimu Afrika bathe uFrancis bese eyibona indlela yakhe.
UNobhala Jikelele wabaBhishobhi bamaRoma aKhatholika e-Afrika eseNingizimu, uFather Hugh O'Connor, uthe ngesikhathi uFrancis ephuma esibhedlela ukhombisile ukuthi useyahamba.
"Uyisibonelo esihle. Uyibonile indlela yakhe ukuthi isiphelile, wabe eseqala ezilungiselela. Uphume esibhedlela waya kokwenza lokho obekumsalele emhlabeni."
Ozongena esikhundleni kubhekwe ukuthi aqokwe esikhathini esiphakathi kwezinsuku ezingu-15 no-20.
Abagcotshwa yibona abazovotela ozongena esikhundleni, kanti iNingizimu Afrika izomelwa umholi webandla eGoli, uCardinal Stephen Brislin.
Namaqembu ezepolitiki adlulise amazwi enduduzo ebandleni lamaRoma aKhatholika.
UMengameli Cyril Ramaphosa, uthe uFrancis ubelwela abahlwempu.
"Njengomholi webandla ohlonishwa umhlaba wonke, uFrancis ubelwela ukuba kube nokulingana emhlabeni nokunakekelwa kwabantu abebencishwe amathuba phambilini."
Okhulumela i-ANC, uNkk Mahlengi Bhengu, uthe uFrancis ubengahambisani nezimpi, ububha nokungalingani.
Umholi we-DA, uMnuz John Steenhuisen, uthe uFrancis uyohlezi ekhunjulwa ngokunakekela abahlwempu nangokuba umholi webandla ohambisana nezikhathi esiphila ngaphansi kwazo.
Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe uFrancis ubehlezi eshumayela izwi lokuthula nokubuyisana, wathi ubengasabi ukukhuluma iqiniso.
Okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Tambo, uthe ngeke bawakhohlwe amagalelo kaFrancis ezwenikazi i-Afrika njengoba ahambela izingxenye zezwekazi ezikhungethwe yizimpi nobubha.