UHLANGANISE abantu abahlukene umcimbi wokubungaza usuku lokuzalwa lomholi weMK, uJacob Zuma.
Umcimbi wokubungaza iminyaka engu-83 kwazalwa uZuma, ubuhanjelwe abantu abahlukene okubalwa kubo abaNtwana baseNdlunkulu namakhosi.
Okuqaphelekile kakhulu kulo mcimbi obungoMgqibelo, ukubonakala kwenkosikazi kaZuma yesibili, uNkk Nompumelelo MaNtuli Zuma. Bese kunesikhathi eside uMaNtuli agcina ukubonakala kusukela kwavela izinsolo zokuthi wazama ukudlisa uZuma.
UMaNtuli wahlatshwa ngemibuzo ngo-2015, abaphenyi boKlebe njengoba ayesolwa ngokubopha itulo lokubulala uZuma, wayalelwa ukuba aphume aphele emzini kaZuma. Icala labuye lahoxiswa ngenxa yokushoda kobufakazi.
Namanye amakhosikazi kaZuma, uNkk Sizakele MaKhumalo Zuma noNkk Bongekile MaNgema Zuma, nawo abekhona. Kubonakale noNksz Nonkanyiso Chonco, onengane noZuma.
Ekhuluma kulo mcimbi, uZuma uchaze okwamenza wanquma ukulwa nohulumeni wobandlululo. UZuma uthe ngesikhathi ekhula wayexoxelwa ngokuhlukumezeka kwabantu abamnyama behlukunyezwa abantu abamhlophe.
Uthe izaguga zazibaxoxela ngempi kaKhandampondo eyayiholwa yinkosi uBhambatha kaManciza.
"Lokhu kwangenza ngabona ukuthi abantu abamnyama babehlupheke kanjani. Kulapho ngathatha khona isinqumo sokuthi nami ngiye kolwa nohulumeni wobandlululo. Ngazitshela ukuthi ngoba bafa ababengaphambi kwethu nami ngiyokufa uma kufanele ngife. Namanje ngisamile kulokho."
UZuma uthe wayenesifiso sokubona abantu abamnyama bethuthuka emva kokuphela kohulumeni wobandlululo, wathi emva kokubona ukuthi uhulumeni we-ANC usukhohliwe abantu abamnyama, wanquma ukuqala enye inhlangano, iMK.
UZuma uthe inhloso yaleli qembu ukuthuthukisa abantu abamnyama.
Ibithe chithi saka imicimbi yokubungaza usuku lukaZuma ebihlelwe yiMK.
Le micimbi ebingoMgqibelo yenzelwe ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo esifundazweni iKwaZulu-Natal, Gauteng, Mpumalanga, nezinye. UZuma akazange abonakale kule micimbi.