UZOFIHLWA ngoMgqibelo uDon Mlangeni Nawa (65) obeyinkakha yomlingisi edlule emhlabeni ngeledlule.
Yize umndeni wakhe ungavezanga imbangela yokufa kwalo mlingisi kodwa omunye wabalingisi ayeyibambe naye emidlalweni eminingi ngeminyaka yama-90s, uMabutho “Kid” Sithole, uveze ukuthi ukugula kwamqala ngonyaka odlule.
UMabutho kweminye imithombo yabezindaba uveze ukuthi uDon uqale ukugula ngo-Agasti nyakenye, lapho abekhala khona ngesisu nobuhlungu bomzimba.
Izolo, umndeni wakhe umemezele izindaba zokuthi inkonzo yakhe yesikhumbuzo izoba ngoLwesine, eSoweto Theatre, kusuka ngo-3 ntambama, bese kuthi inkonzo yomngcwabo ibe se-Alberton Civic Centre, ngoMgqibelo ngo-8 ekuseni.
Khona izolo, uNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula ngokubambisana nobuholi obuhlukene bale nhlangano, bahambele umndeni kaDon, e-Alberton.
UMbalula uthe iqhaza elibanjwe nguDona emkhakheni wokulingisa kuleli libe ngelikhulu futhi ngeke lilibaleke kalula.
“Ntambama nje, mina nabanye ozakwethu ngaphansi kweqembu i-ANC, sikhethe ukuvakashela umndeni kaDon, ukuyodlulisela amazwi enduduzo emndenini njengeqembu. UDon Mlangeni Nawa, ubeyiqhawe emkhakheni wokulingisa kuleli futhi igalelo lakhe emidlalweni ehlukene yethelevishini liyobonwa ngisho yizizukulwane zethu. Siyabonga ngezinkumbulo asishiye nazo esingeke sizikhohlwe ezindaweni esimbone ezilingisa,” kuchaza uMbalula.
Ngesikhathi kuvela izindaba zokudlula kukaDon, abakuleli bamkhumbula ngazo zonke izindawo ake wazilingisa emidlalweni ehlukene yethelevishini, ezifana nekaZakhe Mhlongo emdlalweni othi Hlala Kwabafileyo, ekaLaqhasha kuSgudi 'Snaysi, ekaDavid kuBambo Lwami nekaZebedee Matabane emdlalweni Isidingo, nezinye.