USEPHINDE wazibizela ukukhuluma ngendlela abukeka ngayo uKhanyi Mbau, njengoba abantu bebelokhu bebabaza izithombe zakhe ezisabalale ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto.
Lezi zithombe bezithathwe abezindaba abebehambele umcimbi obuhlelwe iNetflix, la bekwethulwa khona umdlalo othi Meet the Khumalo’s, eBallito, eThekwini muva nje.
Bekungokokuqala ukuthi uKhanyi abonakale esidlangalaleli kuleli selokhu amemezela ngonyaka odlule ukuthi useshintshe indlela abukeka ngayo.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana baveze ukuthi uKhanyi uzonile njengoba indlela ayiyona manje ingasanambithisiseki.
U@Its_Lifestyle7 uthe “Ngisola noma ubani owake wamtshela ukuthi akekho muhle ngokwanele”.
U-@BonganiD_Kaunda uthe “Ukhokhe imali ngokuthi azehlise ubuhle bakhe, besingekho isidingo salokhu akwenzile”.
U-@RonsoDeBrok uthe “Abantu abamnyama bafuna ukuba mhlophe, abamhlophe kodwa bona abafuni ukuba mnyama”.
UKhanyi Mbau wake waphumela obala ekhuluma nozakwabo weSolezwe i-IOL, eqala ukushintsha indlela abukeka ngayo wathi ukwenza hhayi ngoba kukhona amjabulisayo kodwa ingoba kuyinto afuna ukuyenza nayizwa ngaphakathi.
Muva nje uveze ukuthi okumenze ashintshe indlela abukeka ngayo ukuthi usekhathele ukuya kodokotela njalo ayojova ukuze ahlale ebukeka emuhle.
"Bengifuna into engizohlala nayo ukuphila kwami konke. Ngikhathele ukuya kodokotela njalo ngemuva kwezinyaka ezintathu noma eziyisithupha ukuze ngijove futhi ubuso bami buhlale bubukeka. Ukuzishintsha kwami manje ngeke ngiphinde ngenze okunye ukuze ngikushintshe sengofa nakho," kusho yena.
Isolezwe lizibonele uKhanyi ngempelasonto njengoba amehlo akhe esemancane, futhi ubuso bakhe buvuvukele futhi bumhlophe ngendlela yokuthi uma esemi elangeni isikhathi eside bushintshe bube bovu.