.
UBUBHODLA umlilo umphakathi waseMaoti, eNanda, uhlome ngayo yonke inhlobo yesikhali izolo, ngesikhathi ubhikisha ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, lapho obekuvela khona abane abasolwa ngokuba ngamalungu eWest, okuyiqembu lemigulukudu elesatshwayo.
Laba abane okungoMnuz Sanele Ngwane, Sfiso Ngema, Sanele Shwabede noKhayelihle Cele, bebevele ngoxhaxha lwamacala abucayi, okukhona phakathi awokubulala, ukuzama ukubulala, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe nokuthumba okuthiwa bawenze kusuka ngoJuni ngonyaka odlule kuze kuba bayaboshwa.
Bakhalelwe amasongo kaSigonyela ngoMgqibelo, eCato Manor, eMayville. Umphakathi obubhikisha ngaphandle kwenkantolo nobugcwele intukuthelo, ukubeke lwacaca ukuthi awudingi badedelwe ngebheyili abasolwa.
Uze wasonga ngokuthi uma kungenzeka badedelwe ngebheyili, bazobanquma.
Phakathi kwezikhali ebebeziphethe imikhonto, ebebeze bayilole etiyeleni, ocelemba ababukhali, izimvubu, izinduku kanjalo nezagila.
Osohlakeni olulwa nobugebengu kule ndawo, uMnuz Mbongeni Phewa, uthe into ekhiphe umphakathi ezindlini, ukuba manzonzo kwesimo eMaoti namaphethelo ngenxa yaleli qembu lemigulukudu.
Uthe okubajabhisa kakhulu ukuthi bancane abasolwa ngeminyaka kodwa benza ubugebengu obunyantisa igazi.
"Kukhona abesifazane asebephenduke abafelokazi, izingane eziphenduke izintandane ngenxa yalezi zingane. Silana ukuzozwakalisa ilaka lethu ukuthi lezi ngane zingalinge zidedelwe ngebheyili," kusho uPhewa, othe bayazisaba ngoba azinanembeza.
Uthe bayakubonga ukusebenza ngokuzikhandla kwamaphoyisa.
Uthe lokhu kuqale emva kwembizo ebibanjwe eMaoti, eyayihanjelwe uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt Gen Mkhwanaza.
"Basithembisa ukuthi amaphoyisa azohambahamba endaweni. Lezi zingane zilahlekelwe onembeza. Izingane ezino -14 sezinezidumbu ezingaphezu kuka-20," kusho uPhewa.
Uthe umphakathi uzwakalise ukuthi uzosebenzisana namaphoyisa, kakhulu kunakuqala.