INTOKAZI yaseNewcastle uKwanele Kubheka edume ngelikaFafa, eyazidonsela amehlo ngokugqamisa uthando lwayo nomyeni wayo osemkhakheni wokudayisa izimoto uThabo Cele, isiphumele obala ngezizathu ezaholela ekutheni bahlukane ngonyaka odlule.
Yize sebephinde babuyelana, kodwa uKwanele ukhulume okokuqala ngokwaholela kulesi simo ohlelweni ayingxenye yalo, iThe Real Housewives of Durban, ekhonjiswa kwiShowmax.
Ngonyaka odlule bakhiphe isitatimende beveza izindaba zokuthi bayahlukana.
Yize bengazibekanga izizathu zokuhlukana kwabo kodwa abaningi bamangala njengoba ezinkundleni zokuxhumana bebehlala beveza indlela abathandana ngayo.
Ekhuluma ngokuvula kwakhe isifuba ngezinkinga ezibe khona emshadweni wakhe, uKwanele uveze ukuthi ubefuna abantu bazi ukuthi okuhle abakubona ezinkundleni zokuxhumana kuncane kunalokhu okwenzeka bengakuboni.
“Izinkundla zokuxhumana ziveza okuhle kodwa okwenzeka empilweni yomuntu, kodwa lokhu okungekuhle azikuvezi. Nami ngikhethe ukuthi ngiphumele obala ngokwake kwenzeka emshadweni wami ngoba kwaba isikhathi esinzima, esigcwele izinkulumo nezimpikiswano, izinyembezi okwagcina ngokuthi kungenelele odokotela bengqondo ukuze siye phambili,” kusho uKwanele.
Uthe ubone kubalulekile ukuthi akhulume iqiniso ngesimo sabo, njengawo wonke umuntu osothandweni.
“Ngifuna abantu bazi kahle ukuthi singobani. Impilo kumele sijwayele ukuyiphila ngokweqiniso engikholelwa ekutheni ikhona okwenza ihambe kahle. Asiphili impilo eqondile kodwa nathi sisohambweni lomhlaba njengawowonke umuntu. Ithemba lami ukuthi ngokuphumela obala ngizokhuthaza abanye ukuthi baphile iqiniso ngezinkinga abanazo, bazi ukuthi ababodwa,” kuchaza yena.
UKwanele uthe ukunganakwa umyeni wakhe yikhona okwaholela ekutheni azithole esesesimeni esabonakala sengathi uyajola.
Exoxa nozakwabo kulolu hlelo uLo, uveze ukuthi umyeni wakhe wathola ukuthi ukhuluma nomunye wesilisa waseNewcastle, ayezwana naye kudala.
“Kukhona owesilisa waseNewcastle umyeni wami athola ukuthi uma ngikhona ngihlale ngibonakala naye. Uyazi nawe ukuthi uma kungahambi kahle endlini kukhona abantu abakushelayo oxoxa nabo lapha ezinkundleni zokuxhumana, nami kwaba ileso simo. Saba sibi isimo ngale ndlela yokuthi kwaze kwangenelela ngisho umamezala, owangitshela ukuthi angihambe emzini wendodana yakhe ngingathathi lutho, ngithathe ingane yami engafika nayo. Okwaba nzima kakhulu ukubona omunye wesifazane esethandana nomyeni wami eseshayela ngisho izimoto zakhe, kwaba isimo esibuhlungu, kodwa sagcina sizilungisile izinto manje singumndeni futhi,” kuchaza yena.
Uthe okumenze waba ingxenye yalolu hlelo wukuthi ungumuntu onamahloni kodwa ubone kungcono ukuthi aziveze emphakathini ngale ndlela ukuze abonakale ekhuluma.
UKwanele uthe kumumangazile ukuzibona kwithelevishini ngoba ubekhuluma engaqedi, kodwa uyaziqhenya ngokungaqhubeki nokuzivalela.