UKHALA ngonya olukhonjiswe ngunogada wenkosi yesinye isizwe eMacekane, eMpangeni, nesihluku asenza ebulala indodana yakhe endaweni yokujuxuxa 'embangweni wesigqoko'.
Kulesi sehlakalo esenzeka ngoMashi 29 nonyaka, kwadutshulwa kwashona uMnuz Njabulo Dladla (27) ngaphandle kwale ndawo esedolobheni eMpangeni.
Elandisa ngokwenzeka unina kamufi, uNksz Sphiwe Mthethwa, uthe uthuthuva kuthiwa lwaqala ngaphakathi kule ndawo ngesikhathi inkosi (28) ifika izobingelela umufi nabangani bakhe etafuleni ababehleli kulo.
“Unogada wayo wafike wahlwitha isigqoko esasifakwe yindodana yami, wathi isiyosilanda ngekesi nebhodlela emzini wenkosi,” kusho uNksz Mthethwa.
Uthe inkosi yamlandela unogada, yasithatha isigqoko, yasibuyisela kumufi.
Uveze ukuthi kwathi umufi esephuma kule ndawo yokucima ukoma entathakusa, unogada, wamlandela wafika ngasemotweni ababezogoduka ngayo, wamxakazisa.
Uthe umufi wezwakala ethi: “Kanti mfethu ulokhu ungilandela ngenzeni kuwena?”
Kuthiwa wamphendula unogada wathi: “Ngizokudubula”, maqede kwezwakala sekuqhuma isibhamu.
“Omunye wabangani bakhe ababemlandela, wathi waphuthuma waya eduze kwemoto, wafike wabamba unogada ngemuva, isibhamu saqhashela kude, wabe ewa kanye naye,” kusho uNksz Mthethwa.
Uthe yilapho okwaqhamuka khona inkosi, yafike yamdonsa ngomlenze, imsusa phezu kukanogada, wakwazi ukukhululeka.
“Esekhululekile, kuthiwa wasukuma wacosha isibhamu sakhe, maqede babaleka nenkosi ngemoto, kukhona nonogada wesibili, bashaya bachitha,” kusho uNksz Mthethwa.
Uthe umufi, owaphuthunyiswa esibhedlela, wagcina eshona ngalo usuku lwesigigaba.
Uveze ukuthi okubaphathe kabi ukungaveli kwenkosi emndenini emva kwesehlakalo.
“Ngize ngathumela kabili kuyona ngithi ngicela ifike ekhaya, kuzodingidwa lolu daba kodwa lutho,” kusho uNksz Mthethwa, othe, kubantu bokuqala abathumela inkosi yathi “phindelani emuva niyobuza lowo mama ukuthi ngihlanganaphi nokufa kwengane yakhe?”
Uthe abathume okwesibili, ebaphathise incwadi, yathi abayivule, bayifunde bona.
“Sinemibuzo eminingi ngesigameko ngoba umufi ubengesiye umuntu othanda udweshu, ubevame ukuzithulela, engatholwa ezimpini. Asazi namanje ukuthi yini eyayingadala unogada ambulale,” usho kanje.
Uqhube wathi nakuba bezindla ngokuthi yisigqoko esaba wumsusa wodweshu, kodwa babuye bazibuze ukuthi kanjani ngoba ukubuyiswa kwaso yinkosi, ngokwabo, kwakukhombisa ukuthi alikho elibi.
“Sifuna ubulungiswa, baboshwe bobabili ngoba nakuba ingamdubulanga inkosi umufi kodwa yambalekisa umsolwa endaweni yesigameko. Ngokwenza njalo, siyibona inecala nayo,” kusho uNksz Mthethwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMpangeni abophe owesilisa (45) mayelana necala nokubulawa komunye wesilisa (27) ngoMashi 29.
“Umgilwa watholwa enenxeba lokudutshulwa, waphuthunyiswa esibhedlela, lapho agcina eshonela khona,” kusho uNetshiunda.
Imizamo yokuthola inkosi ayiphumelelanga izolo.