Owazakhela udumo kuMoja Love ngohlelo oluthi Sizok'thola, uXolani Khumalo, usazoke ashaywe wumoya emuva kokuba iNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, eKurhuleni, ihoxise amacala abhekene nawo okwesikhashana.
UXolani Khumalo wathola indawo ekhethekile ezinhliziyweni zabaningi kuleli ngohlelo lwakhe oluthi Sizok’thola lapho ayelwa khona nabantu abadayisa izidakamizwa nabenza ubugebengu emphakathini.
Yize konke abekwenza kwakuncomeka kubantu abangazithandi izidakamizwa, wahlangabezana neshwa kufa umsolwa ngemuva kokubonakala ohlelweni lwakhe.
URobert “Kicks” Varrie kuthiwa washona ngemva kokuthelwa ngenduku kuthiwa akakhiphe izidakamizwa okwakusolwa ukuthi uzithukuse endlini yakhe.
Isigameko esenzeka ngesikhathi kuqoshwa uhlelo ngoJulayi, saphetha ngokushona kwalo mlisa okuthiwa waphuthunyiswa esibhedlela eThelle Mogoerane, eVosloorus, kwagcina kumanele.
Kwavulwa icala lokubulala, yize uKhumalo azinikela emaphoyiseni wajikiswa ngoba icala lisaphenywa, ngoSepthemba, wathola umbiko ovela emaphoyiseni wokuthi akazinikele emaphoyiseni. Nebala wazinikela wavela enkantolo yeMantshi ePalm Ridge lapho adedelwa khona ngebheyili kaR20 000.
UMshushisi u-Albert Dwera uthe amacala azohoxiswa okwesikhashana kusaqhutshekwa nophenyo.