UBUNONO, ubuqhathanzipho nokubambisana yizona zinto ezigqame kubazalwane bebandla leZayoni Isiqalo Sokuthula Kwama KreStu Church of God in Zion, enkonzweni yoMkhosi wePhasika ebeliyenze eSikhonyane Primary School, eNdulinde, eMandeni ngempelasonto edlule yokugubha lo mkhosi wamaKrestu waminyaka yonke.
Kule nkonzo yaleli bandla eliholwa wuMbhishophi uScelo Mpungose, bekubuthene abazalwane abangamalungu ebandla abangaphezudlwana kuka-100 ababunjwe ngamagatsha amabili okungelakhona eNdulinde nelakwa-E, eNtuzuma, eThekwini.
Inkonzo iqale ngoLwesihlanu emini ngesigaba samazwi ayisikhombisa, lapho intsha, omama nobuholi bebandla besine bededelana kuhlaziywa amazwi eNkosi uJesu Kristu, eyawasho ibethelwa esiphambanweni, ifela izono zabantu.
Kusukwe lapho kwaqhutshekwa futhi ngenkonzo yobusuku bonke ngalo uLwesihlanu ebusuku; nayo ebivulelekile futhi igabe ngentshumayelo, ubufakazi ngezwi leNkosi obekuhambisana nomculo, umgwabo, nokubizwa ngesigekle lapho abazalwane behlabelela khona amaculo amadala aseZayoni asusa usinga, kuhajwa edresini.
Lapho Iinhlanzeko ibidla lubi njengoba abazalwane bebehlobe ngomfaniswano ogqize ngemibala eluhlaza okwesibhakabhaka, benyathela ngezimnyama ezinyaweni, kwaba ngesifanayo nangakusasa sekuhlotshwe ngejoyini yombala omhlophe ohambisana namabhande a-navy.
NgoMgqibelo emini kubuywe kwazokwenziwa inkonzo yabantu abasha; lapho ubuholi bebandla bebuhleli phansi, bubukela intsha isina idedelana ngezwi leNkosi, izikholisa ngomculo nomgwabo wamaZayoni; kwakuhle kwanjeyana.
Ngawo uMgqibelo ebusuku kubuywe ngesigaba sokugcina senkonzo yesidlo senkosi, lapho abazalwane bemukeliswe amaqebelengwane newayini elingenamvubelo, ukufakazela okwenziwa yiNkosi uJesu andukuba ibethelwe esiphambanweni.
Kuyo le nkonzo kube nesigaba sokugcotshwa kwabazalwane abathile abanikwe izikhundla ezithile abazosebenza kuzona kusukela manje. Kulabo bazalwane kugcotshwe oMnuz Mbusiseni Sibisi noSabelo Khumalo ukuba ngabavangeli bebandla, kwathi uMnuz Mthambiseni Mpanza wagcotshelwa ukuba wumfundisi. UNkk MaNxumalo-Nzuza noNksz Constance Hlanguza bagcotshelwe ukuba ngabaholi bomama, kwase kuthi uNksz Thandi Nxumalo noNksz Samkelisiwe Mhlongo babekwa ukuba ngahaboli betsha.
UMnuz Lungisani Mbokazi noMnuz Siphelele Dlunge bagcotshelwe ukuba ngabaholi bezinziswa zasebandleni, kwathi uMnuz Lindokuhle Nxumalo wabekwa ngokusemthethweni ukuba wumholi wekhwaya yebandla.