UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola ucela usizo kumalungu omphakathi ukuze athole oConstable abathathu abalahlekile.
Laba abathathu, abesifazane ababili nowesilisa, uConstable Cebekhulu Linda, 24, uConstable Keamogetswe Buys (30) noConstable Boipelo Senoge (20) bebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW emhlophe besuka eBloemfontein beya endaweni abebesebenzela kuyona eLimpopo.
Indawo yabo yokugcina eyaziwayo bekusegaraji lakwa-Engen eduze kwase-Grasmere toll plaza ku-N1 ngoLwesithathu, zingama-23 ku-Ephreli 2025. Imishini yokuthungatha izimoto kanye namaselula beyivaliwe kusukela ngelanga abaduka ngalo. Inombolo yabo yokubhaliswa kwemoto ithi JCL 401 FS.
Sekusungulwe Isikhungo Sokusebenza Sendawo Yamahora angama-24 (i-VOC) futhi uphenyo olunzulu luyaqhubeka nethimba labaseshi bezinga eliphezulu kanye nabasebenzi bophiko lwezobunhloli abavela eGauteng naseFreyistata bahlanganiswe ukuze babathole.
Amalungu abengekho emsebenzini ngaleso sikhathi futhi awazange afike lapho abejutshelwe khona. Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ashayele umphenyi wecala uCaptain Chaacha Manga ku-082 527 6099. I-SAPS iphenya icala lokuduna imoto kanye nokuthumba.