KUSALINDWE ummeli ukuba aqale axoxe nowesifazane osolwa ngokubulala indodakazi yakhe ngoba eyifake kumshwalense.
UNksz Ncamisile Evarista Hlophe ubekwe wuMbuso icala lokubulala ngenhloso indodakazi yakhe eneminyaka engu-14, uLuvuyo Tafadzwe. Ummangalelwa ubevele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma.
Isigameko kusolakala ukuthi senzeka emzini wakhe, uNksz Hlophe, oKwaMashu, ngoJuly 22, 2024.
Lo wesifazane kuthiwa wazisa amaphoyisa ukuthi umufi ubekade esanda kuphuza amaphilisi akhe ekhanda, wacambalala, akabange esavuka emva kwalokho kodwa okwaxaka ngukuthi isidumbu sikamufi satholakala sinenxeba elibi kakhulu ngemuva kwekhanda futhi eshonele khona lapho.
Inxeba kuthiwa lalimbi kakhulu kubonakala sengathi ugwazwe ngento ecijile. Ngemuva kwalokho, unina wabe esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngo-Agasti, emuva nje kwenyanga, kushone umufi.
Enkantolo ngaphambilini, kwahlaluka ukuthi umphenyi wecala namaphoyisa bathola ukuthi umufi wabulawa, hhayi ukuthi washona kade ephuze amaphilisi.
Kwavela ngaphambilini futhi ukuthi omakhwelwane bawuzwa umsindo kamufi ngezithuba zasekuseni ehayiza kodwa bangaqonda ukuthi kwenzakalani.
Kuthiwa yaqala inkukhu yawusola umgqakazo uma sebethola izindaba zokuthi indodakazi ibulewe.
Ngesikhathi ligcina ukuhlala enkantolo leli cala, lahlehliswa ngoba uMbuso waveza ukuthi idokodo kalifinyelelanga enkantolo.
Kwahlaluka nokuthi leli cala selisezandleni zeProvincial Task Team.
Izolo, umsolwa ungene enkantolo ebonakala njengomuntu odidekile.
Ummeli kamsolwa, uMnuz Siya Mncube, utshele inkantolo ukuthi usadinga isikhathi sokuqale axhumane kahle nomsolwa ngaphambi kokuba leli cala liqale ukuqulwa.
Imantshi ivumile yathi lokho kumqoka kakhulu ukuba makwenzeke, yabe seyithatha isinqumo sokuba leli cala ilihlehlisele uMeyi 19.
Ngaphakathi enkantolo bekukhona amalungu omphakathi.