ABASOLWA abayisithupha ababhekene necala lokubulala abantu abangu-18 eLusikisiki, bavele okokuqala eNkantolo eNkulu yaseMthatha, ngoMsombuluko.
Icala labo lidluliselwe eNkantolo yesiFunda eLusikisiki kanti manje selihlehliselwe uMeyi 16, 2025, ukuze abamangalelwa baveze ukuthi sebekulungele yini ukuqhubeka nokuqulwa kwecala.
UMzukisi Ndamase (46), Siphosoxolo Myekethe (45), Aphiwe “AP” Ndende (25), Bonga Hintsa (31), Mawethu Nomdlembu (36) noSongezo Vuma (20) bonke abalaxaze ibheyili, babhekene namacala okwakha itulo lokubulala, angu-18 okubulala, ukuthumba, ukugqekeza nokuphatha izibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Babhekene necala lokudubula elenzeka ngomhlaka-28 Septhemba 2024, emizini emibili engomakhelwane eNgobozana Village, eduze nedolobha laseLusikisiki, lapho kwashona khona abantu abangu-18. Baphinde bayamataniswa nokubulawa kukasopolitiki, uMncedi Gijana, KwaBhaca, ngomhlaka-19 Agasti 2024.