MHLELI: Njengoba siqala impelasonto yePhasika namuhla, nokwenyuka kwesibalo sezimoto emigwaqweni sekuyabonakala. Abe-Road Traffic Management Corporation (RTMC) neziphathimandla zezithuthi zomphakathi bakhumbuza abashayeli ukuthi baqikelele ukuthi izimoto zabo nabashayeli basesimweni esifanele ukuba semgwaqweni futhi bahlonipha yonke imigomo.
Abashayeli nabasebenzisa izithuthi zomphakathi bayaxwayiswa ukuthi babe nezimvume ezifanele zokuthwala abagibeli emizileni ehlukile. Bayakhuthazwa futhi ukuba basebenzise izinqola zemithwalo, bagweme ukuxuba kuze kweqe abagibeli nemithwalo.
Abathwala abagibeli ngokungekho emthethweni nabo bayaxwayiswa ukuba bangasebenzisi ukwanda kwesibalo sabantu abafuna ukuhanjiswa bese belayisha abantu ngokungekho emthethweni. Abomthetho bazobe bephume ngobuningi beqaphe ukwephulwa komthetho nokuqinisekisa ukuthi imigomo yomgwaqo iyalandelwa. Iziphathimandla ngeke zithandabuze ukukubopha, imoto ziyiphonse ephawundini uma uyisebenzisa ngokuphambene nomthetho i-National Transport Act.
Kusukela ngomhla ka-20 Mashi 2025 esaqala ngawo umkhankaso wezokuphepha wePhasika sesifake emaphawundini izimoto ezingu-1 155. Abanikazi balezi zimoto sebeyaphoqeleka ukuba bakhokhe imali eshisiwe ukuze zikhishwe emaphawundini, futhi nabagibeli kumosheka isikhathi sabo ngalokhu.
Isibalo esikhulu sezimoto ezaboshwa saba sesifundazweni iMpumalanga lapho kwakhishwa ezingu-792 emgwaqweni. ILimpopo ilandela ngezingu-88, kwathi iWestern Cape yeza ngo-87. EGauteng singu-78 eseziboshiwe, kwaba yiNorth West ngo-39 elandelwa yiKwaZulu-Natal ngo-37 kwathi eFree State kwaboshwa ezingu 31. E-Eastern Cape kwaba ezintathu kuphela, kwangaboshwa moto eNorthern Cape.
Namuhla ntambama izimoto eziningi zizobe zisemigwaqweni ezweni lonke, nasekuseni kusasa silindele isibalo sibe phezulu njengoba abantu bazobe beya ezindaweni ezahlukene ngamaholidi. NgoMsombuluko silindele isimo esifanayo abantu sebebuyela emakhaya nasemsebenzini.
Ngalesi sizathu abantu bayanxuswa ukuba bahlele uhambo lwabo bahambe ngokungajahi ikakhulu emizileni efana no-N1 phakathi kweGauteng neLimpopo, u-N1 osuka eGauteng uya eFree State, u-N2 KwaZulu-Natal obheke e-Eastern Cape, kube u-N3 phakathi kweGauteng neKwaZulu-Natal. Kulindeleke isimo sokuminyana naku-N4 phakathi kweGauteng neMpumalanga, u-N4 kusuka eGauteng kubhekwe eNorth West, no-R61 eWestern Cape obheke e-Eastern Cape no-N2 phakathi kweWestern Cape ne-Eastern Cape.
Izitobhu zokuphumula ziningi lapho abashayeli bengakwazi ukwelula imilenze ukuze behlise ukukhathala komzimba. Nokubheka isimo sezulu njalo kuyingxenye yokuhlela indlela yakho, ukuze ugweme ukuzithela phezu kwesimo sezulu esingalungele ukuba semgwaqweni njengemvula enkulu nokuduma okwenza kungabonakali kahle endleleni.
Ukusebenza kwama-wiper kuyisibopho somthetho wezokuphepha, ungathathi indlela ende ungawahlolile. Amabhuleki kufanele abe sezingeni elihle, kanjalo namathayi namalambu. Siyanxusa ukuba abahamba ngezinyawo babambe iqhaza ekwehliseni izingozi ngokugwema ukuwela imigwaqo ephithizelayo, kodwa bavame ukuwela ezindaweni ezibekelwe ukwenza lokhu, hhayi noma kanjani.
Simon Zwane
UMKHULUMELI WE-RTMC