ZILENGELWA yizembe izimeya ezimbili zemikhandlu yaKwaZulu-Natal, ezisolwa ngokwahluleka ukwenza umsebenzi.
Izimeya, ekaMasipala wasoKhahlamba, uMnuz Vikizitha Mlotshwa, nekaMasipala waseJozini, uMnuz Mfananaye Mathe, zibhekene neziphakamiso sokungabethembi ubuholi bazo.
Iziphakamiso zokungabethembi ubuholi balezi zimeya zithunyelwe emahhovisi osomlomo bale mikhandlu.
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaMlotshwa sifakwe amakhansela e-IFP.
Amakhansela asola uMlotshwa ngokwehluleka ukuhola lo mkhandlu njengoba ekhala ngokuthi umasipala ubhekene nenkinga yezimali.
Inkinga yemali kulo mkhandlu ize yaphoqa ukuthi umasipala umise ezinye izinhlelo zawo.
Incwadi yesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaMlotshwa ifakwe uMnuz Bonginkosi Mchunu, wesekwa uMnuz Philani Zwane.
Esiphakamisweni esibonwe yiSolezwe, uMchunu uthe bafuna ukuthi uMlotshwa aphume aphele esikhundleni.
"Ngokubuka indlela isimo esiyiso lapha emkhandlwini, asisabethembi ubuholi bakhe. Siphakamisa ukuthi akhishwe esikhundleni."
UMasipala wasoKhahlamba uphethwe ngokubambisana yi-Apemo, ANC namanye amaqembu amancane.
UMlotshwa uthe badlala ngesikhathi labo abafake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe, wathi kuzobe kungekhona okokuqala ukuba abhekane nesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.
"Uma ungenamsebenzi ugcina ulibala yizinto ezingeke zikuphumelelise. Kungokwesihlanu manje befaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bami. Lapha emkhandlwini sinamakhansela angu-29, i-IFP inamakhansela ayisishiyagalolunye. Ukuze isiphakamiso sakho siphase udinga amakhansela angu-15. Angazi ke bona ukuthi bazowathathaphi lawa amanye amakhansela."
UMlotshwa uthe isiphakamiso samakhansela e-IFP asimthusi nakancane.
"Umasigcozi, into nje engingayinakile. Iyiphupho nje le nto yokuthi bacabange ukuthi bazophatha umasipala ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya oluzokuba ngo-2026. Bafana nabantu abaphupha emini."
Isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaMathe sona sifakwe yi-ANC.
I-ANC ikhale ngenkohlakalo kulo mkhandlu, ngeledlule ibinombhikisho.
Kulo mbhikisho i-ANC inxuse ukuba kuphenywe ngokukhishwa kwamathenda athile emkhandlwini okukhona kuwo nawokulungiswa komgwaqo.
I-IFP iwuphethe ngokuzimela uMasipala waseJozini, inethezekile njengoba inezihlalo ezingu-24 kwezingu-45 kulo mkhandlu.
UMathe ukhombise ukungabagqiziqalaka abamgxekayo ngesikhathi enengxoxo ebibukhoma ekhasini lakhe elisenkundleni yezokuxhumana, iFacebook.
UMathe uthe kulindelekile ukuthi kube khona abantu abangamthandi ngoba akusibona bonke abantu abavotela i-IFP ngesikhathi kunokhetho lohulumeni basekhaya.
UMathe ugqugquzele labo abenza izinsolo zenkohlakalo emkhandlwini ukuba bayovula amacala emaphoyiseni.
Uthe konke kuhamba kahle emkhandlwini, wathi abasebenzi bayahola njengokwejwayelekile.
"Ngeke sikufihle ukuthi nathi singaphansi kohlelo lokunciphisa imali esiyisebenzisayo. Le nto yenzeka kuyo yonke iminyango kahulumeni, akuyona inkinga yethu kuphela."